Ezokungcebeleka

‘U-Enhle wayehlalele ukuhlikihla isandla saBlack Coffee esilimele’

Umlingisi wakuthelevishini uMbali Enhle Mlotshwa wancenga omalume bakhe ngosuku uDJ Black Coffee ayekhokhe ngalo ilobolo ukuthi abamvumele ashade naye ngoba wayengusozigidi futhi wayemthanda kakhulu.

“Ngobusuku obufanayo ummangalelwa washo ukuthi angathanda ukuthumela incwadi kumalume wakhe ukuze baxoxisane ngelobolo nabakwa Mlotshwa”

“Wathumela umlayezo ku-anti wakhe emtshela ukuthi ingoduso yakhe ifuna ukuthumela incwadi ekhaya. U-anti kaBlack Coffe wamcebisa ukuthi akhulume nonina, owashaqeka ngoba wayesemncane u-Enhle. Nokho bagcina bezitholile izibusiso  ngomshado wabo,” kusho ijaji.

Ngokombiko weSunday World lezi zinsolo ziqukethwe esahlulelweni senkantolo eside esakhishwa yiJaji elibambile eNkantolo enkulu yaseGoli, uMongezi Ntanga.

UMlotshwa wayefuna nokuthi inkantolo ikhiphe umyalelo ophoqa uBlack Coffee ukuthi akhokhe u-R500 000 ngenyanga ukuze anakekele yena nezingane zabo.

Uphinde wathi wadela umsebenzi wakhe wokulingisa ochumayo ngoba uBlack Coffee wayefuna ahlale ekhaya ukuze ahlikihle isandla sakhe esilimele, futhi ngoba wayengafuni ukuthi aqabule abalingisi besilisa.

Ngenxa yokungalingani kocu phakathi kwabo uMlotshwa wahudulela uBlack Coffee enkantolo ukuze athole isinqumo sesehlukaniso kanye nokwabiwa ngokulinganayo kwefa labo elilinganiselwa ku-R100 million.

Esahlulelweni, sika Ntanga uthe uMlotshwa wafakaza ukuthi wahlangana noBlack Coffee okokuqala, ngesikhathi esalingisa kwiTshisa.

Baqala lapho ukuthandana emuva kwesikhathi baya eGreece, lapho bathimbisana khona umshado.

“Kuvele nokuthi omalume baMbali babengajabule ngokuthi wayethembisene umshado ngaphambi kokuba kuxoxiswane nomndeni”

Yize kunjalo wakhuluma nabo wacela ukuthethelelwa, njengoba babethandana futhi ummangalelwa wayengusozigidi,” kusho yena.

Bavumelana ngelobolo lika-R70 000, futhi umndeni kaBlack Coffee wawukhokha.

“Ummangali wayengasakhululekile ngokulingisa iziqephu zokuqabulana. Ufakaze ukuthi isikhathi esiningi wayengasebenzi. Ukuze agcine ukuthula endlini, wayenakekela umuzi, epakisha izingubo zommangali, emphekela ukudla, futhi ehlikihla isandla sommangali esilimele,” kubhala uNtanga.

Related Articles

Back to top button