
Sizovalwa ngoweqophelo isikhala soMuvhango
SIZOVALWA ngomdlalo weTelenovela elindelwe ngabomvu isikhala soMuvhango.
Sekuqinisekisiwe ukuthi kuyaphela ngawo ku-SABC 2 ngemuva kokudlala iminyaka engu-28.
Lo mdlalo ubizwa ngePimville Queens kanti uphekwe iBakwena Productions kaKagiso Modupe.
Uzokhonjiswa ngo-9.30 pm kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
Uzoqala ukubukwa ngo-Agasti 8 kanti ungena endaweni womdlalo owasungulwa uqweqwe lombhali uDuma ka Ndlovu.
Wafika nabadlali abathandwa kakhulu njengo Edward, Catherine, Doobsie, Doris, Chief Azwindini, Thandaza, James, Mulalo, KK nabasebukhosini bamaVhenda.
Ebuyekeza uhambo loMuvhango uDuma uthe: “Lo mdlalo wenza isizwe samaVhenda esasizinyenza ngolwimi lwalo saziqhenya.
Kusijabulisile ukubona abantu bekhula futhi bezigqaja ngemvelaphi yabo”
ULulu Taka oyi-Acting group executive kwa video entertainment e-SABC uthe: “Kule minyaka ecela kwengu-30 uMuvhango ubuyinsika yakwa-SABC 2 futhi uthandwa kakhulu emlandweni wethelevishini kuleli.
Lo mdlalo uthandwe kangaka nje ngenxa yokuthi ubuqhakambisa ulwimi, imvelaphi yomuntu, ufundisa ubuye uhlekise kwezinye izikhawu.
Njengoba izinto zihambe zishintha emkhakheni ka-TV i-SABC 2 izimisele ukuqhamuka nezinto ezintsha ekholwa ukuthi zizothakaselwa kakhulu abantu bakuleli.”
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



