Izindaba

Luphinda eNkantolo olwaRamaphosa ngesitifiketi esakhishelwa iSilo

Kulabo abanetwetwe lokuketuka kwesihlalo esihleli iSilo uMisuzulu njengoba namhlanje kungena icala, uMntwana uThulani Zulu uthi phansi amaphaphu.

NgoLwesine iNkantolo yokweDluliswa kwamaCala eBloemfontein izolalela izethulo zethimba labameli bakaMengameli Cyril Ramaphosa.

URamaphosa uphonsela inselelo isinqumo seJaji uNorman Davis waseNorth Gauteng High, ePitoli.

IJaji lanquma ukuthi uMengameli akenzanga okufanele ngesikhathi ekhipha isitifiketi esiqinisekisa ukuthi iSilo uMisuzulu wuye inkosi emuva kokukhothama kweSilo uZwelithini kaBhekuzulu ngo-2021.

Okhulumela iNdlunkulu kaZulu useveze ukuthi noma ngabe iNkantolo ikhipha siphi isinqumo, akukho okuyophazamisa ukubekwa esihlalweni kweSilo uMisuzulu kaZwelithini.

IJaji uNorman Davis wathi ukukhipha isitifiketi esigunyaza iSilo kukaRamaphosa, kwakungekho emthethweni futhi kufana nento engekho.

Wathola ukuthi uRamaphosa wehluleka ukulandela imigudu efanele ngokweTraditional and Khoi-San Leadership Act 3 of 2019, ephinde yaziwe ngeLeadership Act.

Nakuba ijaji lamchitha uRamaphosa kodwa lamnika imvume yokusiphikisa lesi sinqumo kodwa lakubeka ukuthi mancane amathuba okuthi angaphumelela.

“Singakuqinisekisa ukuthi amaphaphu phansi Zulu! Asikho isidingo sokutatazela ngecala eliseBloemfontein, noma ngabe umengameli uthola muphi umphumela ngoba akukhulunywa ngesihlalo, kukhulunywa ngendlela eyalandelwa okwaholela ekukhishweni kwesitifiketi,”

kusho uMntwana uThulani esitatimendeni izolo.

UMntwana uThulani uthe isizwe kufanele sikuqonde ukuthi ukwamukeliswa kweSilo isitifiketi, akuhlangene nesiko lokungeniswa kwaso esibayeni okuyindlela isizwe neziNyandezulu abamukela ngayo ongena esihlalweni.

“Ngokwamukela isitifiketi isizwe nenkosi yaso, babehlonipha isigaba sikahulumeni noMbuso wanamuhla okumele siphile nawo futhi siwuhloniphe njengezakhamuzi zakuleli zwe,” usho kanje.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button