Izindaba

Owesifazane uphoswe imoto ihamba emgaqweni eMngeni

Philasande Luthuli 

Uphoswe emgaqweni eMngeni, eThekwini, imoto ihamba owesifazane ngoMsombuluko ekuseni.

Abenkampani yonogada iPT Alarms Durban Tactical basabele ngokushesha uma bezwa ngalesi sigameko.

Ngesikhathi siloba amaphoyisa ebematasa endaweni yesigameko.

Abasizo lokuqala benkampani i-EMS bafike ngokushesha bazama ukunika lo wesifazane usizo lokuqala maqede bamthuthela esibhedlela.

Kwesinye isigameko esingahlobene nalesi kubikwe ukuthi abenkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) basindise ikhehla lifela emgaqweni.

Leli khehla elineminyaka engu-81 ubudala lishayiswe yitekisi yohlobo lweQuantum eVurulam, KwaZulu-Natal.

Naso lesi sigameko senzeke ngoMsombuluko ekuseni emgwaqeni u-Ireland.

Leli khehla lehlelwe yilo mshophi ngesikhathi lizicoshela amakani ukuzama ukudayisa bese lenza imadlana.

Nokho, abezimo eziphuthumayo bakwazile ukulihlenga baliphuthumisa Osindisweni Government Hospital (OGH) nalapho sisesimweni esibucayi khona.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button