Lindizele phezulu iflegi laMaskandi kumaSama 2024
Sane Mseleku
INTANDOKAZI yomculi kaMaskandi uGatsheni ubuye nenye yezindondo ezinkulu kumaSama awards iBest Male Artist of The Year kanye neBest Maskandi Album.
Kwathi uMthandani SK noLwah Ndlunkulu ngengoma esihloko sithi Paris wakhala wemuka nendondo Record of the year.
“Ngibonga kakhulu South Africa. Ngibonga abalandeli bami. Kuyiphupho lami ukuthatha umculo kaMaskandi ngiwuyise kwelinye izinga njengalezinye izinhlobo zomculo” kusho uGatsheni.
“Mabhinca niyobongwa emazulwini ngeqiniso enilenza kweyami impilo,” kubhala uMthandeni.
Ama South African Music Awards (SAMA) abebungaza iminyaka ewu-30.
AmaSama abungaze lonke uhlobo lomculo emcimbini obuwenziwe Gallagher Convention Centre eMidrand, eGoli ngoMgqibelo ebusuku.
U-Oskido uthole indondo ye Chairperson’s Award. Ethola lendondo uthe unikela ngayo kubobonke abaculi.
“Ngibonga ngiyanconcoza ngokubonakala ngalendondo. Akuyona eyami kuphela, koda eyomsebenzi esiwenzile sonke sabaculi, sihlanganisa. Abaculi, oDJ kanye nochwepheshe balendima. Asiqhubeke sisebenze sibe isibonelo. Kumndeni wami noNkulunkulu ngiyabonga” kusho Oskido.
Umculi odume umhlaba wonke uyena ovule ngendondo yokuqala uTyla, uthole indondo yeBest New Comer. Waphinde wahlomula nge International Achievement Award, Best Pop Album kanye neFemale Artist of The Year. Ubengawuhambelanga umcimbi kodwa wenze ivideo.
“Ngiyabonga kakhulu ngokungeseka, ningenzelile ngibonga kakhulu. Ngikhumbula ngisamncane nginephupho lokuba umculi odumile umhlaba wonke. Manje sekuyenzeka, futhi ngiyajabula kakhulu ngokuba omunye walabo baculi,” kusho yena uTyla.
“Ngithanda ukugqugquzela wonke umuntu ukuthi noma ubani angaba usaziwayo umhlaba wonke. Ngicela niqhubeke ngokungeseka” esho uTyla.
UMrepha owamemezela ngonyaka odlule ukuthi uthatha umhlala phansi uPriddy Ugly, ubuye nendondo yoMhlobo Wenene Best Hip Hop Album.
“Ngizizwa nginomunyu, ngonyaka odlule benginqume ukuthatha umhlala phansi, kodwa uNkulunkulu wathi asikakafiki isikhathi,” kusho uPriddy Ugly.
Motsweding FM Best Amapiano Album, Album of the Year kanye neDuo/Group of the Album of the Year athathwe Isimo saKabza De Small noMthunzi.