Izindaba

Ibhange liphoqa owodumo kwiChiefs ukubuyisa iVW Polo

Sanelisiwe Mkhize

IBHANGE lakwaStandard Bank lihamba izinkantolo lifuna ukudla imoto yomdlali wasemuva, owake wagijima eqenjini iKaizer Chiefs neBafana Bafana.

UMolomowandau Mathoho odume ngelika’Tower’ waboleka imali engango-R250 000 kwaStandard Bank ngonyaka ka-2019 efuna ukuyothenga imoto ewuhlobo lweVW Polo sedan.

ISunday World ibike ukuthi ukukhokha imali yaleli bhange kwamhlula wancama.

Ngenyanga babevumelene nebhange ukuthi uzokhokha uR5000, isinyonke imali kwakumele kube uR380 000.

UMathoho ubezoqeda ngonyaka ozayo mhlaka-01 (2025) ukukhokhela lemali ayiboleka kuleli bhange. Kanti uStandard Bank ngesonto eledlule uyile enkantolo iJohannersburg High Court kwavela ukuthi uMatoho wayithatha ngempela imali, eyothenga imoto.

Eqenjini laMakhosi ushiye ngo2022 emuva kokuchitha iminyaka engu-10.

Washiya ngenxa yokungadlaliswa isikhathi eside, ekhuhliswa ibhentshi kanti udonga lwaMakhosi lwaluqiniswe uye ebambisene noDaniel Cardoso kanye noTefu Mashamaite

Njengoba ibhange lifuna imali layo lizothatha yona imoto ayithenga ngemali yabo ukuze kucishwe iskweleti sakhe.

Omunye umdlali owazithola edlelwa imoto yohlobo lweVW Golf 5 uLerato Chabangu kodwa izizathu zakhe kwakuwudakwa utshwala ngokweqile.

Naye uChabangu useke wakhuluma kaningi emithinjeni yabezindaba ngokudlelwa konke ayenakho ngenxa yokuhluleka ukuphatha imali.

Related Articles

Back to top button