Kubatshazwa isihluku iphoyisa liqotha umkalo nesisebenzi
Sane Mseleku
KUBATSHAZWA isihluku sephoyisa eliqothe ngenhlamvu umkalo nomsizi wasendlini.
Usayitsheni Nditsheni Vele (44) osolakala ngodubula umkakhe uHumbulani Nenzhelele, nomsizi wasendlini uNdifelani Mudzhweda, ugcwale amathafa kusukela ngoLwesibili ebusuku.
Amaphoyisa ahlabe umkhosi ngoLwesine ecela umphakathi ukuthi usize ekutholeni umsolwa.
Okhulumela amaphoyisa aseLimpompo uBrigadier Hlulani Mashaba, uqinisekisile ukuthi uboshiwe ngezintatha zangoLwesihlanu.
Umsolwa wabonakala eshayela ngesikhulu isivinini emgwaqeni uTshitavha eduze kwebhuloho iSambandou.
“Amaphoyisa azama ukumisa imoto, kodwa umsolwa wavele waqhulula ngenhlamvu ebhekise kuwona, okwenza nawo aphindisele ngenhlamvu” kusho uMashaba.
Badubulana eMasisi ngaphandle kwase Thohoyandou.
“Umsolwa ulimalile ngesikhathi kudutshulwana nelinye lamaphoyisa lithole imihuzukwana. Bobabili baphuthunyiswe esibhedlela sendawo ukuyothola usizo”. kusho uMashaba.
UGiven Mudau umngani kamsolwa nabesifazane uthe usola ukuthi imbangela yokubulala, ukuthi umkakhe ubengafuni ukuxosha umsizi ngenxa yokuthi umtshela izindaba zakhe zokuqonywa.
Amaphoyisa azichithile lezo zinsolo, imbangela yokubulala ibingakaziwa ngoba icala lisaqhubeka.
UKhomishana wamaphoyisa eLimpopo, uLieutenant General Thembi Hadebe, uncome ukusabela ngokushesha kwamalunga esifundeni sase Vhembe.
“Sifisela ilungu elilimele ukululama okusheshayo. siqinisekisa umphakathi ukuthi umsolwa uzojeza ngendlela emfanele ngenxa yesenzo sakhe, ikakhulukazi ngokunqaba ukuzinikela kanye nodlame alubhekise emaphoyiseni ethu” kusho uHadebe.