Iheha nangesinqa iCitroen C3 Aircross entsha
Sihle Mkhize
BABUYISE izinduku kwamanzi te abakwaStellantis bekhiqiza iCitroen C3 Aircross esizelwe kabusha.
Le yimoto esineminyaka emakethe, kulokhu bashintshe ukwenza bayixine ngobuchwepheshe besimanje, baqinisa ezokuphepha bavala ngesitayela.
Ungakangeni ngaphakathi kuyo ukhangwa ubuhle ikakhulukazi ubuhle isinqe.
Ukhakhayi oludle ngama roof rail acwebezelayo, izibuko ezigqize ngombala omesha umzimba ezihahambisana nama indicators, kuze kuyoshaya kumalambu angemuva ayisitayela ngezinye zezinto ezenza uyibuke ungaqedi.
Amasondo angu-17 inch ahambisana nerimu elicwebezelayo. Amalambu awuhlobo lweLED daytime running. Kulokhu iC3 Aircross bathe ukuyikhulisa mbijana.
Kungokokuqala ukuthi kulolu hlobo kube khona nekwazi ukulayisha abantu abayisikhombisa okusho ukuthi bayengeze ezinye izihlalo ezimbili ngemuva yaba i-7 seater. Ingu 4,323mm, ubude ingu-181mm.
Ilishiyile igabade ngoba ukuphakama kwayo kungu 200mm, okusho ukuthi bayikhuphule ngo-22mm ngaphezulu uma kuqhathaniswa neyilamayo.
Yize ibe khona imvunge ngentengo yayo engu-R344, 900 uma kuqhathaniswa nezimbangi kodwa amaphaphu athe ukwehla uma sekuvela ukuthi lena engu 5+2 ibiza R354, 900.
Kuzwakala kuyinjini encane engu 1.2 litre turbo kodwa akumandla kuyafiwa. Le njini ikhiqiza amandla angu- 81kW, 205Nm engu-3 cylinder.
Uma uzoyibuka ngokuyintshontsha ungacishe uthi iwuhlobo oludonsa ngawowonke amasondo kanti phinde.
Ngaphakathi iphelele ngoba iphuma nescreen esingu-10 inch esisebenza ngokuthi usicindezele kancane, bese kuba khona nekhamera yangemuva. Isiteringi sigqize ngesikhumba siyi multi-function okusho ukuthi okuningi kulawulwa kuso njengeradio.
Benze isiqiniseko ukuthi kwezokuphepha bayibeka ezingeni eliyifanele ngoba iphuma nama airbags angaphambili kumshayeli nephasenja, ABS brakes ESP stability control.
Intengo yayo ihambisana neservice plan yeminyaka emine okanye ibanga lika-80 000km nebhamama lewarranty yeminyaka emihlanu okanye ibanga lika-100 000km.
Intengo :R344 900
Injini : 1.2-litre, three-cylinder turbo petrol, 6 speed automatic
Amandla : 81 kW, 205Nm, idonsa ngamasondo angaphambili
Ukudla kuphethroli: 6.3 L/100 km