Ezokungcebeleka

Bayagonyuluka oMaskandi besilisa ngokunukubezwa ngokocansi

Liyah Mseleku

UMDIDIYELI wezinsizwa kwaNongoma uPhakel’mthakathi Ndabandaba uqhumbuse ithumba lokulalwa kwabaculi bakaMaskandi iningi lakhetha ukugonyuluka.

UPhakel’mthakathi uveze ukuthi abaculi abaningi bakamaskanda bayizisulu zalo mkhuba okuthiwa udla lubi futhi baningi abahleli bemicimbi abakhonjwayo.

Kulo mkhuba kugqame igama likaMC Mshazi okuthiwa uwugila koMaskanda besilisa.

Kuthiwa ubaqala ngokubashisela inyama athenge nenyama nangotshwala bese ebabhudubeza ngabo-12 ebusuku avuke ekuseni ethi bekuyiphupho elibi.

Kuyimanje kusachwaza ezinkundleni zokuxhumana kudingidwa leli chilo.

Umculi waseBergville uKhaza ungomunye obe nesibindi waphumela obala washo ukuthi uMC Mshazi waKwaMaphumulo, wake wazama ukumdlwengula kodwa wasizwa ubunsizwa.

Omunye uCall Back SA othe naye wahehwa ngotshwala kwaMtshali Tarven, eMnambithi ngaphambi kokufunwa ucansi phakathi kwamabili kodwa wasizwa ukuqamba amanga ethi ukhishwa yisisu.

Omunye ophumele obala uLethu Mpungose othe uMC Mshazi wambizela lapho ehlala khona eJeppe Hostel eGoli, wafike wamthembisa ingxoxo emsakazweni womphakathi, wabe esethi akazolalela ngasendlini yakhe lapho afike wamthengela inyama notshwala ngaphambi kokuzama ukumnukubeza ngokocansi.

Eziphendulela uMC Mshazi kwiBhanyazile TV, uphike walala ngomhlane ukuthi uyalala nomaskandi besilisa.

Uthe isono sakhe ukubacebisa ngezindlela ezingabenza badume.

“Bona abashaye ingoma emnandi ukuze nabo badume.”

Uthe izinsolo ziqhutshwa wumona wabantu abafuna ukucekela phansi igama aselakhe kanzima kusukela ngo-2011.

Eqhuba uMC Mshazi uthe unabaculi abadumile abagqamisile kule ndima kodwa ngeke esakwazi ukuveza amagama abo ngoba kuzothiwa nabo useke wabalala. Esephetha uthe amahlebezi amnikeza ugqozi nofuqufuqu lokuba aqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla kulo msebenzi.

Related Articles

Back to top button