Ezokungcebeleka

Ligqashukile ucu kuMinnie Dlamini nodokotela

Philasande Luthuli

SEWUPHINDE yawuchitha umuthi inkonyane kuphela ngobudlelwano bukaMinnie Dlamini nodokotela wePlastic Surgery uDr Brian Monaisa.

“Mina noNksz Dlamini besinobudlwano obuhle ngebhadi sebuphelile ngezizathu zethu okungahlanganisi indaba yokuphinga. Nakuba singasambathi ngubo yinye kodwa kusekhona ukuhloniphana phakathi kwethu,” kusho ingxenye yesitatimende esikhishwe uDr Monaisa.

Ubudlelwane babo budonse amehlo abantu ngesikhathi buvela emphakathini ekuqaleni kwalo nyaka (2025). Kwagqama ubukhazikhazi bezipho okuhlanganisa imoto, iholidi eMaputo nokunye okukhomba uthando olumangalisayo.

Kuzokhumbuleka ukuthi bememezela uthando lwabo enkundleni yokuxhumana u-Instagram ngosuku lwezithandani iValentine’s Day.

Akuphelanga sikhathi esingakanani inkukhu yawusola umgqakazo ngoMarch mhla abantu beqaphela ukuthi omunye ususe izithombe zomunye ku-Instagram.

Kusukela lapho bese kuyindaba okuxoxwa ngayo iyite ukuthi lezi zithandani sezihlukene.

Sekuwumlando ukuthi uMinnie Dlamini wayeyisingqandamathe sika-Itumeleng Khune owengunozinti oqavile kwiKaizer Chiefs.

Kanti emva kwalokho washada noQuinton Jones kwindumezulu yomshado ngo-2017 kodwa emuva kweminyaka emine badivosa ngo-2022.

Kube nokuphawula ezinkundleni zokuxhumana abantu bezwakalisa izimvo zabo ezahlukene.

“Uyalwazi uthando lokudlala ngisho lokubukwa mina angikhumbuli luqhuba isikhathi eside kulabo bantu, lolu oluphansi okungelona olwezipho nombukiso ezinkundleni zokuxhumana yilona ungqo. Mina nonkosikazi yami sesineminyaka engu-18 kusukela esikoleni kukabanga aphezulu,” kusho uThabani Ndlanzi.

“Bayamqaqa lobaba ungazothengela intombi imoto kungasiye ngisho umkakho, utshani obulele buvuswa ngomlilo,”

Related Articles

Back to top button