
Isililo kumaKhatholika kudlula emhlabeni uPope Francis (88)
UYALILA umhlaba emuva kokuthi kuvele izindaba zokudlula emhlabeni kwaPope Francis eneminyaka engu-88.
UFracis waqokwa kulesi sikhundla esihamba phambili enkolweni yamaRoma ngomhla ka-21 March ngonyaka ka-2013.
Babalelwa ku-1.3 billion amakhatholila umhlaba wonke jikelele.
Udlula nje emhlabeni uFrancis kade kugujwa iPhasika eNingizimu Afrika nalapho bekuthiwa uculile kwabafileyo ngoMsombuluko.
UPope wazalwa enguJorge Mario Bergoglio eBuenos, Argentina wangena esikhaleni sikaPope Benedict XVI ngesikhathi ehla esihlalweni nokuyinto eyayiqala ukwenzela eminyakeni engu-600.
Ube ngowokuqala ukuqhamuka ngaphandle kwase-Yurophu esezoqhoqhobala lesi sihlalo emuva kweminyaka eyinkulungwane.
Kwezinye izinto agqame ngazo ukuvumela ukuthi abefunsidi bamukele imishado yabantu bobulili obubodwa.
Okunye wukuthi ubephishela abesifazane ezikhundleni eziphezulu nebezaziwa njengokuthi ezabesilisa phambilini.
Ngaphambi kokuthi abizelwe okholweni wayesebenza njengonogada ezindaweni zokucisha ukoma ebusuku ngobo 1958.
Waqala waba uMbhishobhi waseBeunos Aires ngo-1998 ngaphambi kokuthi zilokhu zikhwelile izimendlela.