Izindaba

Isandla ephentini laMashudula

Liyah Mseleku

UMPHATHI wezinhlelo emcimbini ophinde athule uhlelo kwiPodcast uNcengani “Mashudula” Shezi usekhwele wadikila ezinsizweni ezimeshelayo kodwa ezihlulwa isisoka.

UMashudula wazakhela ugazi kwiPodcast yoMbuso wamaCiko njengoba manje esethula uhlelo Amaciko Podcast.

“Bafwethu ngiyazazi ukuthi nginezingane kwasha kwacima kwanjani, angilona itshitshi. Kodwa ayingakhomentelani sengathi yazana inqunu. Umuntu uvele akukhulumele into ongayizwa, kunenkunzi eze yangi-inbox ithi ayisho kabi kodwa lelo bele sengathi ngingalimunca,” kusho uMashudula.

Ube esebuza ukuthi yiyona mfundiso le.

“Wakhula ugogo wakho ekade esebenza emfolomaneni wathola umjondolo. Akekho umuntu wesilisa owakhula nezinsizwa ongabhala lowo mbhedo. Ningakhomenti la sengathi yazana inqunu, sengathi ngake ngaduka nawe emcimbini noma ngake ngakufakisa isandla ephentini ligcwele,” usho kanje.

Uthi yena uwulowo mfazi ongafuni ukubhedelwa akafuni muntu ozomkhulumela indaba yekiwi.

Kodwa ke bafethu noma ngabe uyahala akatshelwa kanjalo umuntu, uzidlisa satshanyana uma usumtshela kuthi uyamhalela sekunenhlamba lapho,” kuphefumula uWelcome Ncanana.

Vele mashudula ucheap, vele kufanele bakhulume nawe kanjalo. Ukuduma nje ku social media usuzosuza lana,” Bhekithemba Luthuli.

“Alunakwa uhlanya wenkosazana akuphikwa nohlanya kungcina kubonakala sengathi nawe usuyilo woluzima ntombi kulo mhlaba sizalwe nabanye sakhula nabanye siyofa nabanye. Ungazishoniseli ngelanga kuningi esisakubhekile empilweni ungaphiki nesilwane,” kuphawula uMuzi Maphumulo.

Related Articles

Back to top button