
UNkulunkulu usiza ozisizayo abazalwane betapa
UBUNGAFUNGA ukuthi inkonzo yePhasika ibanjelwe emgaqweni omkhulu uN3 phakathi kweFrankfort / Verde kuwa iloli elilayishe ilayisi.
Abazalwane abebevathile babone sengathi uNkulunkulu usheshe waphendula imithandazo yabo batapa khona bevathe imifaniswano yesonto.
Kuphazamiseke amahora ukuhamba kwezimoto amakholwa etapa abangenakho emakhaya.
Nokho isenzo sabo sithole ukugxekwa abanye bathi indlala ayikhathali ukuthi uyakhohlwa noma cha benze kahle.
“Lapho alibizi ilayisi..benzekahle batapa.
Angithi ne-ANC itapa yodwa imali,” kuphawula uMfiso waseMdletsheni.
“Akusikho ukuntshontsha lokhu, bebekuthatha.Futhi akuhlangani nje nokusonta, kwasanami nje ngeke ngikuyeke, izinkampani lezi zikudulisa ngamabomu ukudla zihlangene nabacindezeli i-ANC,” kuphefumula uFezisivumelwano Zulu.
“Ey iZayoni bakithi sesibalwa sonke ke manje njengabazalwane kuhlanganiswa ndawonye, uphi umfundisi wabo abatshele babuyisele emuva,” usho kanje uNonkululeko Mzobe.
“Siphila ezweni lendlala bakithi kuthi ugqoke unfaniswano akuchazi kuthi sewungcwelengwele kodwa ezinkonzweni siyolungiswa. Unkulunkulu akazelanga abalungileyo bodwa kodwa nezoni ukuba zisindiswe. Manje bekumele babize abangajoyinile yini nabo bezilambele,” Ntomby Mabaso.
“Nginesiqiniseko sokuthi bathe hawu sakhuleka washeshe wasiphendula uSmakade evuka nje ngakho kodwa,” Mbally Madida.