Izindaba

Usomatekisi ubulale inkabi ePhoyinti ebimhlasela

UMSHAYELI wetekisi udubule wabulala oyedwa kwabathathu abebemhlasela ngezibhamu ePhoyinti, eThekwini ngoLwesihlanu ntambama.

Ababekhona bathi ungafunga ukuthi bekudlala ifilimu bukhoma njengoba kuphendulwane ngenganono kwanuka umsizi ePhoyinti yonke.

Kulokhu kudubulana kugcine kulimala owesifazane obengahlangene wanembeka ethangeni.

Ngokwenkampani yonogada i-Ensure ithi ngezithuba zo-4 ntambama bathole ukuthi ziyakhala egalaji likapetrol ePoint Road.

Nebala baphuthume khona namaphoyisa afika endaweni yesigameko.

Kuvele ukuthi abemathathu amadoda aqonde ngqo umshayeli wetekisi emdubula bethi bayaqeda ngempilo yakhe.

Ababuzanga elangeni umshayeli waphindisela umlilo ngomlilo kwafa oyedwa ababili babaleka bagcwala izitaladi zeTheku.

Esigamekweni esihlukile kunalesi iPurpose e-bike ngaso ukudutahulwa kubulawe umshayeli wetekisi kuMasingana Road ePhase 6, eWaterloo.

Umseshi emaphoyiseni akwaSouth African Police Service (SAPS) obengekho emsebenzini ufonele inkampanini yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) seligamenxe ihora lesikhombisa ecela usizo.

Onogada bakwaRUSA abapholisanga maseko baphuthuma endaweni yesigameko bazithela phezu kweToyota Quantum igingqikile ilele ngohlangothi.

Isidumbu somshayeli besisivaleleke ngaphakathi kwiQuantum.

Kubuye kwatholakala isidumbu somonye wesilisa ebangeni elingango-150 metres ukuqhela endaweni yesigameko. Ubenezimbobo zezinhlamvu, naye uhlonzwe njengosefile.

Kuzwakale ukuthi umufi ubengumgibeli kuleli tekisi.

Ngesikhathi idutshulwa naye kuvela ukuthi ubehlezi ngaphambili nomshaheli.

Related Articles

Back to top button