Ezokungcebeleka

Imile impilo kumlingisi okusetshenziwsa ubuso bakhe kwiX

UKHALA ezimathonsi umlingisi uBianca Coster othi uselahlekelwe imisebenzeni engenisa imali ngenxa yomuntu ozibiza ngoChris Excel osebenzisa budlabha isithombe sakhe kwiX.

Leli khasi lilandelwa abantu abangu 3.3 million sikhuluma nje.

NgoLwesihlanu uChris uvuke wabhinqa abangahambisani naye wabavezela umyalezo obuqhamuka kwaX othi emuva kophenyo abalwenzile bathole kungekho lutho olubi oluphambene nemigomo yabo.

Leli khasi bese libikiwe kwaX kodwa uChris usaqhubeka ukusebenzisa isithombe saBianca.

UBianca uthi ngaphandle kokuthukwa ngabantu usephenduke umnyamanambana futhi useswela namatoho.

“Bengijwayele ukusebenzisana namagama amakhulu okubalwa iVaseline, MTN neDarling Hair. Ngiphinde ngenze izikhangiso zakwithelevishini. Bekukuningi okuhle okwenzeka kimi ngaphambi kokuthi uChris Excel asebenzise isithombe lesiya sithombe. Izinto zaqala zabheda kakhulu kunakuqala,” kuzukhalela uBianca kwiTik Tok.

Uthi usekhathele ukuchaza ezitaladini uma abantu bembona futhi bembuza ngezinto angahlangani nazo.

“Kungani engasebenisanga esinte isithombe, kungani kuzomele ngishintshe impilo yami. Zinjngi izithombe eyengazisebenzisa ngisho nesakhe imbala. Akasisebenzisanga ngoba ubazi ukuthi uzobhekana nolaka kwabantu ngenxa yezinto azibhalayo. Manje sekulimala mina,” kukhala uBianca.

Ilokhu ingilandele njalo lento, angazi ukuthi ngsmdlelani lomuntu, yini ayizuzayo ngikusebenzisa isithombe sami ngaphandle lokubulala igama lami.

Omunye kuyo le nkudla yezokuxhumana uthe yebo kungenzeka ukuthi asuyiphulanga imithetho yakwaX kodwa uyiphulile imithetho ebizwa ngeCyber.

Usho kanje njengoba isteshi sethelevishini i-eNCA idlane indlebe nesazi sezkmthetho u-IUlrich Roux othe uCoster kumele athole incwasi yinkantolo evimbela uChris Excel ekusebenziseni izithombe zakhe.

“Lokhu ukwephulwa kweCyber Crimes Act, futhi kuwuhlukumeza. Uma engathola ochwepheshe abangathola lapho ifoni yakhe isuke idonsa khona ngabe sekufeziwe,” usho kanje.

Related Articles

Back to top button