
Ifu elimnyama kwiChiefs kudlula owayeyinsika
IKaizer Chiefs isiqinisekise ukudlula emhlabeni kwenkakha yeqembu eyayingumdlali wasemuva uSimon ‘Bull’ Lehoko.
Lezi zindaba ezibuhlungu zimenyezelwe yiqembu ngoLwesihlanu. ULehoko ushone ngoLwesine eneminyaka engu-74.
Ujoyine iKaizer Chiefs ngo-1978 esuka kwiVaal Professionals futhi waba yisisekelo sekilabhu emuva ngeminyaka yempumelelo.
Udlale imidlalo engaphezu kuka-450 ezingeni elikhokhelayo futhi waba yingxenye yesizini eyohlala ikhumbuleka la iChiefs yanqoba khona izindebe ezine ngo-1981.
Waqanjwa igama lesidlaliso elithi nguBull ngenxa yesitayela sakhe sokudlala esebenzisa amandla.
ULehoko waziwa ngamandla akhe, ukuzola, nokuvala emuva ngokungesabi.
Wamela iNingizimu Afrika emdlalweni oyingqophamlando neRhodesia (manje esiyiZimbabwe) ngo-1977.
IKaizer Chiefs ihloniphe le nkakha yayo, yathi iyohlale ikhumbuleka imisebenzi yayo.
“Enkundleni, ukuqina namandla akhe kumtholele isiteketiso esithi ‘Bull’.
“Wayengumuntu onethambo owayesabisa izimbangi ngenhlanganisela yakhe engayekethisi yomzimba nokuzola ebholeni.”
Ngaphandle kwenkundla, uLehoko ubengene shí emsebenzini womphakathi.
Usungule futhi waphatha iSimon Bull Lehoko Foundation ngenhloso yokusiza ukuthuthukisaibhola emphakathini wangakubo eVaal.
Wabuyela ebholeni elikhokhelayo ngokuqeqesha iVaal Professionals eyisiza idla isicoco seBob Save Superbowl ngo-1994.
“Uma engekho enkundleni, uBull ubaziwa ngomoya phansi nomusa futhi engumuntu ophanayo.
“Ubewukhathalela ngokujulile umphakathi,” kwengeza iKaizer Chiefs esitatimendeni sayo.
ULehoko wayeka ukudlala eneminyaka engu-34 futhi washiya umthelela ongasoze walibaleka ebholeni laseNingizimu Afrika.
IKaizer Chiefs idlulise amazwi enduduzo emndenini, abangani nomphakathi wonkana waMakhosi.
Lisenethini