
Izogubha iPhasika ejele inkosi egwetshwe (12) weminyaka
KWALE noma esebeka izaba obeyinkosi uMnuz Bongani Mlaba ukuthi ubhekelele impilo kanina oneminyaka engu-83 ubudala ucela axegiselwe isigwebo.
UMlaba (43), obeyiNkosi yeSizwe saKwaMlaba, oLundi, ugwetshwe iminyaka ewu-12 yiNkantolo yeMantshi yasoLundi ngecala lokubulala uMnuz Phumlani Dubazane owadutshulwa wabulawa ngo-2023.
Ubevele kule nkantolo ngoLwesine, lapho iMantshi uWenzile Rixana, imgixabeze ngesigwebo kulandela ukumlahla kwayo ngecala ngesonto eledlule.
Ngokombiko weLanga uMlaba ubehlome ngombiko wosonhlalakahle baseMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi obuphakamisa ukuthi aboshelwe ekhaya ngoba umphakathi uyamdinga.
“Nginomama osemdala oneminyaka ewu-83, ongasiholi isibonelelo sikahulumeni sabadala, okumele ngimnakekele. Isikhundla sami sobukhosi sizosala dengwane ngenxa yokuthi umama usemdala, ngeke akwazi ukungibambela,” kusho umbiko.
“Ngicela inkantolo ingizwele ngoba nginezingane eziyisithupha ezifundayo, eziphakathi kweminyaka ewu-3 kuya kwewu-20, enye yazo ifunda esikhungweni semfundo ephakeme. Uma ngiboshwa, ngigwetshwa, ikusasa lazo lizophazamiseka ngoba akekho ozonakekela izidingo zazo, ” kuqhuba yeza ezincengela.
UMlaba wadubula amahlandla amabili ebhekise kuDubazane, owayesemcimbini emzini wakhe (uMlaba), washayeka engalweni nasesifubeni, washonela esibhedlela eNgwelezane, ngemuva kwezinsuku ezintathu.
Umshushisi uBhekisisa Ndlela, ucele inkantolo ukuba inike uMlaba isigwebo esigunyazwe kuMthethosisekelo emacaleni afana nalawa. Uwuphikisile umbiko wosonhlalakahle nowoMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo obuthi, uMlaba ngeke aboshelwe ekhaya ngoba uyaliphika icala.