Izindaba

Isexwayiso ngezimvula ezingadala umonakalo eKZN

UMASIPALA weTheku umphakathi ukuba uqaphele isexwayiso sezulu esikhishwe yiSouth African Weather Services (SAWS) namhlanje ngoLwesithathu, ngomhla ka-23 Ephreli njengoba lingase liyidliwe imvula.

Lesi sibikezelo sezulu sikhomba ukuthi kuzoba nemvula enamandla elindeleke iKwaZulu-Natal yonkana, namhlanje kusukela ngezikhathi zasekuseni kuya ku-9 ebusuku khona namuhla. Idolobha laseThekwini lingelinye lezindawo ezichaphazelekayo ngalezi zimvula.

Le mvula ilebikwayo ingase iholele ekutheni imigwaqo nezindawo zokuhlala zigcwale amanzi, ikakhulukazi ezindaweni eziphansi.

Okunye wukuthi kungase kushayeleke kanzima imigwaqo kulimale ingqalasizinda, kuphinde kucekeleke phansi izindlu zodaka nemijomdolo.

Kunxuswa abashayeli ukuba bashayele ngokucophelela, bagcine ibanga eliphephile phakathi kwezimoto uma beshayela emigwaqweni emanzi.

UPhiko lweziNhlekelele lukaMasipala neminye iminyango ebhekelele izimo eziphuthumayo basiqaphile lesi simo futhi bami ngomumo ukubhekana naso.

Umphakathi uyanxuswa ukuba uhlale uqaphile, ungahambi izindlela zawo ezingabalulekile kakhulu, nokuthi ube sendaweni ephephile uphinde ugweme ukuwela imifula nemihosha engenisayo.

Ngomhla ka-14 April abeSAWS bakhipha isexwayiso esifuze lesi babala izindawo okulindeleke ukuthi ziyidlive kuzo okwaba Abaqulusi, Alfred Duma Indaka, Alfred Duma – Ladysmith, Dannhauser, Dr Nkosazana Dlamini-Zuma -Underberg, eDumbe, eMadlangeni, Endumeni, Ethekwini, Greater Kokstad, Impendle, Ingwe, Inkosi Langalibalele Escourt, Inkosi Langalibalele Sobabili, KwaDukuza, Mandeni, Maphumulo, Mkhambathini, Mpofana Giants Castle, Mpofana Mooi River, Msinga, Mthonjaneni, Ndwedwe, Newcastle, Nkandla, Nquthu, Okhahlamba, Ray Nkonyeni, Richmond.

Related Articles

Back to top button