Ezokungcebeleka

Bafuna lukhishwe kwiTV uhlelo Isencane Lengane 

Philasande Luthuli

IYAQONGA ingcindezi esiteshini sethelevishini iMoja Love mayelana nohlelo esilinuka iqaqa kwabaningi Isencane Lengane.

Muva nje inhlangano iWomen of Change ithumele isitatimende igxibha uhlelo ifuna nokuthi lukhishwe kuthelevishini.

“Ukuhlukumeza akusiyo into ejabulisayo, ukwesaba akusiyo into ongathi ithandwa ngabantu,” kusho ingxenye yesitatimende.

IMoja Love nayo isiphendulile ngesitatimende kwiTshisaLIVE ithi ithimba lezazi zomthetho zimatasa zibheka lolu daba.

“Sithole inqwaba yezikhalo zibhekiswe nakwiBroadcasting Complaints Commission of SA (BCCSA) konke kusesandleni zabammeli. Kubalulekile ukuthi sikuveze ukuthi lolo hlelo kwenzeka ngempela nolukhombisa impilo yangempela. Luphinde lutuse amasiko ahlukene ezimpilo zabadlali abaphambili. Isiteshi asikugqugquzeli ubudlova noma impi,” kusho iMoja Love.

Isiqephu sakamuva yiso esisuse uhlevane kubantu ngisho nasezinkundleni zokuxhumana.

USiyacela ubevutha engabaselwe ebizwe umndeni ukuze kuxazululwe izinkinga abhekene nazo emshadweni wakhe noThando.

Isiqephu esidale uthuthuva esakamuva lapho uSiyacela Dlamuka (22) ethembise ukunenebula unkosikazi wakhe uThando Dlamuka (21) ngemvubu esho ebe emthuka ngazo zonke izinhlamba lezi.

Lesi aiqephu sidlale ngomhla ka-20 April lapho ubetshela unkosikazi wakhe ukuthi uzosithatha isithembu ethanda engathandi unkosikazi wakhe.

Related Articles

Back to top button