Kuyaqhubeka enkantolo ukumisa umshado weSilo
KUYAQHUBEKA enkantolo eNkulu eMgungundlovu namuhla ukulalelwa kwesicelo sikaNdlunkulu weSilo okaMayisela sokuphikisana nokuthi iSilo sigcagcelwe uMaMyeni.
Kwenzeka lokhu nje iNdlulamithi isanda nakumemezela ukuhoxisa ukuchanguzelelwa kwayo nokaMdolomba qede yamphuca nemihlomulo ethile kubalwa izimoto nabaqaphi.
UNdlunkulu uKaMayisela, uthe iMbube ayinalo ilungelo lokuthatha omunye uNdlunkulu ngoba yashada umshado omhlophe naye.
UNdlunkulu uKaMayisela uthe njengoba beshade umshado omhlophe umthetho kawuvumi ukuthi omunye wabo aphinde ashade omunye umuntu.
Nakuba ethe akananxa nokuthi iSilo sithathe omunye uNdlunkulu, ukhale ngokuthi ezinye izinqumo zeMbube zihlambalaza iSilo.
Phambilini ihhovisi leSilo lalimemezele ukuthi ziyaqhubeka izinhlelo zeMbube yize ibhekene nesehlukaniso nomunye wondlunkulu bayo.
Phakathi kwezinhlelo ezimenyezelwe ihhovisi leSilo kubalwa ukugcagcelwa kweSilo kanye nemikhosi emibili ezokwenziwa kule nyanga.
Ngesikhathi siloba icala belisaguqe okwesikhashana ngenxa yokushoda kwamaphepha athile.
Abammeli abamele iSilo u-Adv Jonny Clopper no-Adv Mandla Luthuli.