Inkantolo ivume umshado weSilo obuvinjiwe
INKANTOLO ePhakeme yaseMgungundlovu isichithile isicelo sikaNdlunkulu uNtokozo kaMayisela Zulu sokumisa izinhlelo zomshado weSilo nokuthi kushintshwe umshado wabo usuke kowesilungu ube ngowesintu.
IJaji kule nkantolo liveze ukuthi uKaMayisela wamnikeza uBayede imvume yokuthatha abanye oNdlunkulu, nasemaphepheni akhe asenkantolo ayakufakazela lokho.
Kwenzeka lokhu nje iNdlulamithi isanda nakumemezela ukuhoxisa ukuchanguzelelwa kwayo nokaMdolomba qede yamphuca nemihlomulo ethile kubalwa izimoto nabaqaphi.
UNdlunkulu uKaMayisela, uthe iMbube ayinalo ilungelo lokuthatha omunye uNdlunkulu ngoba yashada umshado omhlophe naye.
UNdlunkulu uKaMayisela uthe njengoba beshade umshado omhlophe umthetho kawuvumi ukuthi omunye wabo aphinde ashade omunye umuntu.
Nakuba ethe akananxa nokuthi iSilo sithathe omunye uNdlunkulu, ukhale ngokuthi ezinye izinqumo zeMbube zihlambalaza iSilo.
Phambilini Ihhovisi leSilo lalimemezele ukuthi ziyaqhubeka izinhlelo zeMbube yize ibhekene nesehlukaniso nomunye wondlunkulu bayo.
Phakathi kwezinhlelo ezimenyezelwe ihhovisi leSilo kubalwa ukugcagcelwa kweSilo kanye nemikhosi emibili ezokwenziwa kule nyanga.