
Kuhlakazwe isidleke okuhlinzwa kuso izimoto eMlaza
Sihle Mkhize
Amaphoyisa agasele eMlaza esigcemeni kwaN kwancane indawo evundulula izingxenye zezimoto ezintshontshiwe neziduniwe seziyinhlakanhlaka.
Abezobunhloli emaphoyiseni nethimba laseThekwini District Task Team bancinzwe indlebe ngobugebengu obuqhubekayo kule ndawo nebala bafika zimbiwe yinsele.
Uphenyo luze emuva kokukhathazska ngokunshontshwa nomuogangwa kwezimoto ezindaweni okubalwa kuzo iSydenham, Berea, Umbilo, Hillcrest nePinetown.
Ungqondongqondo okunguye obefunwa njengembuzi yomsebenzi elahlekile ubengekho ngesikhathi kutheleka abakwasidlodlo.
Kuvele ukuthi ungqondongqondo uqashiwe kule ndawo okuqhutshwa khona leli bhizinisi.

Ngesikhathi amaphoyisa eqhuba uphenyo avundulule inqwaba yezingxenye zezimoto ezebiwe.
Phakathi kwazo kubalwa izicabha zeVW Polo, dashboards, suspensions, bumpers, pedals, steering wheels, side and rear mirrors.
Amaphoyisa aphinde athola injini yemoto eyabikwa ukuthi intshontshiwe ePinetown ngoNovember 2024.
Ezinye izinjini zezimoto ezitholakele bese zicishwe nezinombolo.
Amapleti ezomoto nawo kuvele ukuthi ezimoto eyabikwa ukuthi zebiwe ngoSeptember eBerea ngonyaka odlule.
Zonke izingxenye zezimoto ezitholakele kule ndawo ngoLwesibili zithathiwe ukuyoqhubeka nophenyo.
Le ndawo ithathwa njengesidleke lapho kihlinzwa khona bese kudayiswa izingxenye zezimoto.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



