Izindaba

Kufunwa u-Abenathi oduke egqebhezile

Liyah Mseleku

Kucelwa oMsamariya abanesihawu abangase bavele nomkhondo wokulahleka kwa-Abenathi Matandabuzo (19).

U-Abenathi owase Welbedacht East, eChatsworth.

Ugcine ukubonakala ngoMsombuluko kwa-A eMlaza egqoke isigqebhe sesiketi esimnyama, crop top epink namateki ePuma amnyama nokumhlophe

Uhambe engayalezanga emndenini wakhe ukuthi ulibhekisaphi.

Ntambama ngosuku anyamalala ngalo wathinta isihlobo sakhe ngoFacebook esazisa ukuthi ulahlekelwe umakhalekhukhwini.

Kusukela lapho aphindange watholakala noma kuxhumaneke naye.

Kulabo abangase babe nolwazi kucelwa ukuthi bathinte inkampani zonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) on 086 1234 333.

Khonamanjalo, umphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, utuse ukuzinikela kwamathimba okuthungatha nokuhlenga kulandela ukutholwa kwesidumbu sowesifazane waseDundee esimuke neziphepho ezinamandla ngoMgqibelo.

Isidumbu sitholakale ngoLwesibili ntambama ngemuva komkhankaso wokuthungatha othathe izinsuku ezine owenziwe yiProvincial Disaster Management Centre.

IMeya kaMasipala waseNdumeni, uMnuz Mcebo Mkhize, obekhona ngesikhathi kuqhubeka lo msebenzi, wengeze ngokuthi “Lesi yisigameko esibuhlungu emphakathini wakithi.

Related Articles

Back to top button