
Ikhehla (70) libhadanywe lihlome nge-AK 47
Philasande Luthuli
Amaphoyisa KwaZulu-Natal abophe abasolwa abahlanu abaneminyaka emphakathi kwa-(34) no-(70) ubudala.
Baboshelwe amacala okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu.
Laba solwa baboshwe eMelmoth naseNkandla.
Amaphoyisa abesekhaleni kulo mkhankaso Ulundi Public Order Policing (POP) endaweni yase Thubalethu ngaphansi kwaseMelmoth.
Baboshwa nje amaphoyisa ancinzwe indlebe amalunga omphakathi.
Kuthe uma amaphoyisa egasela emzini thizeni eThubalethu esesha azithela kwesinye isibhamu esihlakaziwe.
Owesilisa oneminyaka engu-35 ubudala obanjwe kule ndlu uhlulekile ukukhipha izincwadi zesibhamu.
Uboshwe khona lapho ngecala lokubanjwa nesibhamu esingenazincwadi.
Abakwasidlodlo badlulele komunye umuzi nalapho bebophe khona owesilisa oneminyaka engu-34 ubudala etholwa nezinhlokohlela ezimbili.
Naye uzobekwa amacala afanayo futhi angase amataniswe namacala okubulala eMelmoth.
Ngosuku olufanayo iKing Cetshwayo District Essential Infrastructure Task Team, ngokubambisana nezinkampani zonogada bangene endaweni okuthiwa ise-Ohlelo ngaphansi kwase Nkandla.
Babophe ikhehla elineminyaka engu-70 ubudala libanjwa ne-AK47.
Amaphoyisa adlulele kwaNxamalala nalapho ebophe umsolwa oneminyaka engu48 ubudala ngecala lokutholakala neR5 nezinhlamvu ezingu-13.
Zizohlolwa lezi ukuthi azinamacala yini. Bonke abasolwa bazovela eMelmoth naseNkandla Magistrate’s Courts ngoLwesitjathu (namhlanje).



