Izindaba

Kuchitheke izishebo amaphoyisa ebopha inqwaba yabokufika

Bakhalelwe amasongo kaSigonyela abantu bokufika abangu-40 abaseNingizimu Africa, eThekwini ngokungekho emthethweni.

Ezikadalawane zifike zingathi ‘nsi’ kwachitheka izishebo ebeziphekwa kwavalwa nezinye izipaza baphuma babaleka.

NgoLwesibili emini amaphoyisa kaMasipala abephansi phezulu evakashela izipaza ezigcwele inkaba yedolobha.

Phakathi kwezinto ebezibhekwa amaphepha asemthethweni okuba kuleli.

Abanye abantu bokufika abayisihlanu ababhadanywe amaphoyisa basaphenywa kuqinisekiswe noMnyango wesasekhaya.

Kulabo abasaphenywa kukhona nomnikazi wesipaza ovela ngaphandle.

Amaphoyisa athi lolu phenyo luyingxenye yokuqinisekisa ukuthi iyalandelwa imithetho yokungena nokuphuma kuleli kanjalo neyabasebenzi.

Kuzokhumbuleka ukuthi iPurpose ibike ngodaba olufuze lolu ngoNovemba wonyaka ofile.

Amaphoyisa esifundazweni sakwaZulu-Natal avundulula isizinda esigcina ukudla okonakele e-Bluff nosekulinde ukusatshalaliswa ezindaweni ezihlala abantu emalokoshini.

UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ehambisana noNdunankulu uThami Ntuli, bavakashela le ndawo egcina impahla.

Isemgwaqeni uCnr South Coast eThekwini.

Okushaqisayo wukuthi lokhu kudla osekuphelelwe yisikhathi, kusolakala ukuthi kuvela kwamanye amazwe.

Phakathi kwempahla eyavundululwa eyayisidlulelwe yisikhathi kubalwa amathini kafishi, amadrinks, amasoya beans, spices nokudla kwezingane osekonakele.

Kanti nezinto zokugcoba umzimba nemithi ephuzwayo, imijovo nakho kutholakele nakho kutholwe kule ndawo.

Related Articles

Back to top button