
Bavuma induku ngamathikithi eNedbank Cup
Amahle Radebe
Abenkampani i-Open Tickets bazizwile bathi maluju nelenqwelwe liyopha mayelana nodaba oluthinta amathikithi omdlalo wamanqamu eNedbank Cup.
Lo mdlalo uphakathi kwe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.
NgoLwesibili ekuseni bekhiphe incwadi exolisayo mayelana lanepicabadala edale udungunyane izolo abantu bephindabemakhaya belambatha.
“Siyakuqonda ukuthukuthela okwenziwe yilesi simo kodwa siphezu kwaso. Umbiko ogcwele uzodluliswa kwiPremier Soccer League (PSL),”
“Abathengi bamathikithi abathintekayo bazothola umyalezo mayelan nokubuyelwa imali yabo yama thikithi,”.
“Sisazimisele ukungisa le nkinga siphinde sigcine sinelise abantu ngokugcwele ngokuphazimeka,” kusho isitatimende.
Kunenhlasi yethemba ukuthi kungenzeka abantu baphinde bathole ithuba lokuthenga amathikithi.
Kusuke isiphithiphithi esikhulu ngoMsombuluko ekuseni njengoba abalandeli begcwale ezitolo
Beyofuna amathikithi omdlalo wamanqamu we-Nedbank Cup.
Kuvukwe kwezinye izito zaseCheckers nezaseShoprite sekuvele kunesinyokotho.
Abantu bebambe olayini wokuyothenga lamathikithi.
Ukudayiswa kwawo kuvulwe ngoMsombuluko ekuseni ngo-10, kodwa kuvela ukuthi kushaye o-6 ekuseni abanye sebevele bekolayini.
Enye indlela obekuhloswe ngayo ukugwema isiphithiphithi wukuthi lamathikithi e-Nedbank Cup adayiswe nakwi-inthanethi.
Kodwa nakhona kuvele kwabhimba njengoba iwebhusayithi obekuthengwa kuyo ivele yajama
Konke kuzocaca maduze, ngalo ludaba.