
Kubatshazwa eyentombazane (15) edutshulwe ivalelene nesoka (27)
Liyah Mseleku
Basababaza unya lombulali ovele ngewindi wavuelela ngenhlamvu kwashona intombazane (15) nesoka layo.
Le ntombazane kukholakala ukuthi ibivalenelene nesoka layo elineminyaka engu-27 ubudala endlini engurawondi ngesikhathi behlaselwa.
Omakhelwane baphume ebusuku abanye bebhince amabhayi kuzosa kube uLwesibili bezobabaza lesi sigameko esenzeke eBuffelsdraai, eThekwini.
Abenkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) bathi bezwe kuhlatshwa umkhosi basebela ngokushesha.
“Sithole ucingo ngezithuba zabo 23:33 ngoMsombuluko ebusuku. Abasebenzi bethu baphuthume endaweni yesigameko”
“Nokho sifike selidume ladlula kunesidumbu sentombazanyane sidindilizile kugcwele ugazi,” kuchaza abakwaRUSA kwisitatimende.

Kuvele ukuthi abenzi bobubi baveze umbhobho wesibhamu ngewindi kanti isoka lisinde ngokulambisa ladubuleka emhlane.
Kube sekutholakala amagobolondo ezinhlamvu ezingu-5 ngaphandle kwendlu yesigameko.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



