
UZuma unqumele ugwayi katiki uRamaphosa ngesikhundla
OwayenguMengameli kuleli nosehola iqembu iMK Party uJacob Zuma unqumele ugwayi katiki uCyril Ramaphosa.
Ufuna uRamaphosa asule esikhundleni ngoLwesihlanu ngo-10 ekuseni.
Encwadini ayibhale ku-KMNS Inc. Attorneys, uZuma usola uMengameli ngokwephula uMthethosisekelo nokusebenzisa kabi amandla akhe, ikakhulukazi ekuqokweni kwakamuva uNgqongqoshe wamaPhoyisa.
Incwadi, ethunyelwe yiMK Party kaZuma, ifuna uRamaphosa ehle esikhundleni ngo-10h00 AM ngoLwesihlanu, Agasti 8, noma abhekane nezinyathelo zomthetho kanye nemibhikisho engase ibe khona ezweni lonke.
Udungunyane lusuke emuva kwesinqumo sikaRamaphosa sokubeka uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu ekhefini futhi aqoke upmSolwazi wezomthetho uFiroz Cachalia njengebamba likaNgqongqoshe.
EzikaMsholozi zithi akukho emthethweni lokhu okwenziwayo.
Ikhuluma kanje iMK ichithwe yinkantolo yoMthethosisekelo ngalo udaba lukaSenzo Mchunu.
Ihhovisi likamengameli liyivumile le ncwadi, kulindeleke ukuthi kube nezimpendulo zomthetho maduze.
Njengoba kushuba ukungezwani phakathi komakadebona be-ANC, abantu baseNingizimu Afrika basale bebukele umbango wezikhundla.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



