Izithombe zomama wengane kaMthandeni enqunu zimbhidlizele umuzi
Phila Luthuli
KUBANJWA kuyayekwa emendweni womama wengane womculi kaMaskandi uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele obhidlikayo.
Lokhu kulandela ukuthi umkhwenyana wakhe wezinkomo owaziwa ngoMsoco embambe ukuthi uthumela uMthandeni izithombe zakhe enqunu nakuba sebahlukana.
Lesi senzo salo wesifazane owaziwa ngomama kaMpumpu kuthiwa siholele ekutheni uMsoco amkhombe indlela wafuna kubuye nezinkomo zakhe.
Ngaphambilini kuputshuke iVoice Note (VN) okusolakala ukuthi yaqoshwa uye lo wesifazane ethi uma esafuna ukubuyela kuMthandeni angakwenza lokho ngenkulu impumelelo.
“Mhla engishiya uMthandeni mhlawumbe wayecabanga ukuthi ngeke ngimthole umuntu ozongithanda. Ngiyazi akwehlanganga kahle kuyena lokho. Mina uma ngithanda ukubuyela kuyena ngingakwenza wukuthi nje sengiganile,” phakathi kwamazwi azwakala kwiVN.
UMthandeni uqophe ivideo engu-10 minutes eshwelezela umama kaMpumpu.
“Kunomama wengane yami okuvela ukuthi ugejene nomkhenyana wakhe. Lesiya simo sibuhlungu, angisifiseli omunye umuntu. Kungiphatha kabuhlungu ukuthi umkhwenyana uthe uma egxuma ethatha ifoni wathola ukuthi umama wengane ungithumela izithombe enqunu. Mhlwumbe usuke ezikhumbulele okwangeleso sikhathi samzukwana okuyinto eyenzekayo futhi okuyimpilo,” usho kanje.
Eqhuba nokulandisa uthi iningi liyakwenza lokhu okwenziwe umama wengane yakhe wukuthi alikobanjwa.
“Umhlaba ujikile manje, phambilini bekwaziwa ukuthi uma uganwa kufanele uthole itshitshi bese ulenza umakoti. Njengamanje kunemizi ebifa kufike umama wengane awuvuse lowo muzi, sicela leli rekhodi elihle bomama bezingane niqhubeke nalo. Ngicela umkhwenyana wezinkomo ukuthi uma kwenzekile wahlangana nento enjalo ehlise umoya angahlohlwa ngabantu njengoba esemlobolile aqhubeke kwazise kunomntwana ozayo olama uMpumpu. Nezinkomo engabe esazilanda aphinde axoxe nowakwakhe,” usho kanje.
Uthi angajabula kabi uma engaqhubeka ebabona ezinkundleni zokuxhuma begqoke befaniselele becula ingoma kaMafikizolo ethi Ngathi Nguye.