
Isiwufakazi inkabi ecaleni lokubulala elibhekene nenkosi yakwaNxamalala
Kuvele ubufakazi obushaqisayo inkabi uZwelithini Buthelezi osephenduke ufakazi wombuso ehlanza abekudle ngayizolo ngokukhokhelwa inkosi yasizwe sakwaNxamalala eMpendle, uSimphiwe Zuma.
UMsholozi usolwa ngokuthebga inkabi ukuthi ibulale umholi we-DA, uNhlalayenza Ndlovu.
INkosi uZuma (55) ibivele enkantolo, i-Howick Magistrate’s Court nabanye ababili (2) eboshwe nabo, oThabani Masobho Hlongwa (31) noKhayelihle Shabalala (30) ngoMsombuluko.
UButhelezi udalule ukuthi uZuma wamkhokhela u-R75 000 ngokubulala uNdlovu emuva kokubanga ingxenye ethile yomhlaba noMasipala.
UNdlovu oyisihlobo sikaZuma wadutshulwa wafa ngaphandle komuzi wakhe oseMpophomeni ngoDecember 2023.
Lokhu kwenzeka phambi kukankosikazi, izingane zakhe ezimbili nogogo wazo.
Umshushisi omkhulu, u-Lawrence Gcaba ufunde i-affidavit ebhalwe umseshi u-Sgt. Delani Chamane wophiko oluphenya amacala okubulawa kosopolitiki lapho aveze khona ukuthi uZuma ungungqondongqondo ekuhlelweni kwetulo lokubulala uNdlovu.
UChamane uthe uphenyo lwabo luvumbulule ukuthi uZuma wakhokha u-R75 000 kuZwelithini Buthelezi ukuthi abulale uNdlovu.
UGcaba uthe umbango waseMpophomeni eduze kwase-Howick kanye nokwala ukhasha kukaNdlovu ukuxhunywa kukagesi owumkokotelo yikho okwabangela ukuthi abulawe.
Ezicelela ibheyili uZuma ku-affidavit efundwe ummeli wakhe, u-Adv. Sticks Mdlanga uthe ushade nonkosikazi owuthisha abanezingane naye ezimbili (2), eneminyaka engamashumi amabili (22) neneyishumi nesikhombisa (17).
Unezinye izingane eziyisishiyagalombili (8) kwabanye besifazane angashadile nabo okumele azinakekele futhi unokugula aphila nakho okuhlanganisa noshukela nesifo senhliziyo.
Uhlengwa uDkt. SH Narain ongudokotela wakhe.
Uthe leNkosi ihola imali engu-R25 000 eMnyangweni wezokuNusa ngokuBambisana nezindaba zomdabu KwaZulu-Natal.
Njengamanje uZuma ungaphandle nge-bail ka-R25 000 ngokubandakanyeka ecaleni lokubulawa kukaQalokunye Zuma ngoJanuary 2023.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



