
Awukho umgqomo wokulahla umuntu kwiBafana
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, useqinisekise izinguquko ezimbalwa eqenjini lakhe ngaphambi kwemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
Lo mqeqeshi waseBelgium ukuqinisekisile ukuthi uSipho Mbule usengene esikhundleni sikazakwabo kwi-Orlando Pirates uPatrick Maswanganyi olimele.
Ukubizwa kwaMbule kufakazele isisho esithi umuntu akalahlwa. Kuzokhumbuleka ukuthi uMbule walaxazwa iMamelodi Sundowns ngoba ebhekene nezinkinga zokweqisa ezinkambeni zikaFaro.
Nokho uDr Irvin Khoza wamnikela elinye ithuba njengoba esebizwa kwiBafana Bafana nje.
UThabo Moloisane weStellenbosch FC naye ubiziwe ngemuva kokuthi kade esale ngaphandle ekuqaleni.
UHugo Broos umemezele iqembu lakhe lokugcina labadlali abangu-23 abazodlala le midlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 ngoLwesine.
Ushiye ngaphandle abadlali abangu-25 ohlwini lwakhe lokuqala abelumemezele emasontweni amabili edlule.
Phakathi kwabasale ngaphandle kubalwa uMbule noMoloisane, kodwa laba bobabili sebephinde babuyiselwa esikwatini.
UMbule uzovala isikhala sikaMaswangayi othole ukulimala ngesikhathi iPirates ihlula iChippa United ngo 3-0 emdlalweni weligi ngeSonto.
UMoloisane yena ungena esikhundleni sika-Ime Okon okungakacaci ukuthi kungani ebuye wakhishwa kuleli qembu.
IBafana izobhekana neLesotho ngoLwesihlanu ngaphambi kokusingatha iNigeria ngoSepthemba 9.
Yomibili le midlalo izoba seFree State Stadium eBloemfontein. ILesotho izowudlalela kuleli umdlalo wayo wasekhaya njengoba ingenayo inkundla efanelekile ngakubo.
Lisenethini.co.za
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



