
Inhlabathi ephalishini lephoyisa lomfaniswano weMK Party
Liyah Mseleku
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi usekhiphe umyalelo wokuthi limiswe ngokushesha iphoyisa.
Leli phoyisa libonakale kwivideo esisabalale ezinkundleni zokuxhumana ligqoke umfaniswano we-MK Party.
Kuvele ukuthi leli phoyisa lisebenza esiteshini eNtambanana esifundeni iKing Cetshwayo enyakatho nesifundazwe.
Okhulumela amaphoyisa, uRobert Netshiunda, uthi umthetho owengamele ukuziphatha kwamaphoyisa i-South African Police Service Act awukuvumeli lokhu.
Uthi iphoyisa akuvumelekile ukuthi liveze esidlangalaleni noma lizwakalise ukweseka kwalo noma yiliphi iqembu lezepolitiki.
Uqhuba ngokuthi amaphoyisa awavumelekile ukuthi azibandakanye embonini yezokuphepha, eyotshwala noma yamatekisi.
Uzophinda acele i-Private Security Regulatory Authority ukuthi iphenye kabanzi ngezinsolo zokuthi leli phoyisa linenkampani yonogada esebenza ngokuhlinzeka ezokuphepha okuseqopheleni eliphezulu.
Kwenzeka lesi sigameko nje uMkhwanazi usanda kuyalela ukuthi kumiswe emsebenzini kwenziwe uphenyo amaphoyisa abonakale kwivideo ehambisa umfundi kwiMatric Dance ngemoto yombuso.
Umfundi kuvela ukuthi ungowase Esctort High School neveni yamaphoyisa eyakhona eMtshezi.
Uma uqala ubuka levideo ungafunga ukuthi kunesigameko esithusayo esenzekile noma kugadwe isikhulu.
Le moto eyiveni ifika ikhanyise amalambu akuhlaza ikhala nesiren, kube sekwehla amaphoyisa kugqame kakhulu elesifazane elehla nenhlokohlela lingathi nsi.
UMkhwanazi uthi la maphoyisa abesemsebenzini ngesikhathi okukholakala ukuthi le video iqoshwe ngaso.
Kanti ngokwenza njalo adoje umsebenzi awuqashelwe wokuvikela umphakathi.
Nokuthi ingalo yomthetho ibonakale isebenza emphakathini.
IVideo iphetha uma laba bafundi, owesilisa nowesifazane, sebehamba kukhaphethi obomvu.
“Sengiyalele uKhomishana wamaphoyisa esifundeni uThukela ukuba aqinisekise ukuthi la maphoyisa athathelwa izinyathelo aqondiswe ubugwewe.
“Asikwazi ukuvumela ukuthi amaphoyisa ethi esemsebenzini bese esebenzisa izinsiza zikahulumeni ngezinto ezinqondene nawo,” kusho uMkhwanazi.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



