
Ugixabezwe ngodilikajele umbulali ka-Amantle Samane (6)
Bekuchwaza eNkantolo enkulu yaseGoli uPhete Simiao (25) odabuka eMozambique ethola isigwebo ngoMsombuluko emini.
Lo mbulali ngo-October 2024 wadlwengula wabulala udado u-Amantle Samane owayeniminyaka eyisithupha ubudala.
Inkantolo ibe isimgixabeza ngodilakajele ababili, iminyaka emibili ngecala lokuthumba neminye emibili ngecala lokuba kuleli lase Ningizimu Africa ngokungemthetho, ukudlwengula.
Isidumbu sakhe satholakala emkhukhwini owawuqashe uSimia e-Orlando, eSoweto.
UMshushisi wombuso u-Advocate Zamkhiya Staffa uthe umbulali wayenethuba lonke lokwenza okuhle kodwa waqhubeka nokulimaza umufi.
USimia owabaleka emva kwezinsolo zokubulala, ubanjwe waboshwa emva kwezinsuku ezimbalwa.
Ekhuluma nabezindaba ngaphandle kweNkantolo umama ka-Asamatle uthi ujabulile ngesinqumo seJaji nakuba ingane yakhe ingeke isabuya.
Nakuba kunjalo uthi ubutholile ubulungiswa nengane yakhe isizolala ngokuthula.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) uPhindi Mjonondwane
uthi uyasithokozela isigwebo
“Siyasithokozela isigwebo, sithemba ukuthi sizosilekela kudlale olwenziwa abantu besilisa kubantu besimame. Siwumnyango wezokushushisa sizoqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla” usho kanje.
Umalume ka-Amantle uthe uzwe ubuhlungu obuyisimanga emva kokushonelwa umshana wakhe.
Uthi abakaze bacabange noma balindele ukuthi angabulawa ngesihluku kanje emcane kangaka.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



