Ezemidlalo

Isimayemaye eCairo iSundowns ibhodloza i-Al Ahly

ISHIYE kukhalwa isimayemaye eCairo iMamelodi Sundowns iwashisa izinkunzi zase-Egypt, i-Al Ahly kwiCaf Champions League.

Abalandeli ababalelwa ku-70 000 basale kungathi baqeda kubona isipoki emini kwabha ezabo zikhishwa kwisemi final.

IMamelodi Sundowns isebenze kanzima kade seyilandela ngemuva, yabuya umdlalo usuphela ukuqinisekisa ukuthi uphela ngo 1-1.

Lokhu kuweze iSundowns ngomgomo wegoli lasekuhambeni elibalwa kabili uma umdlalo uphele zibambene.

Lo mdlalo ubuse Cairo International Stadium, kanti iMamelodi Sundowns yiyo ebiphethe umdlalo – ikakhulukazi esiwombeni sesibili.

I-Al Ahly yiyona elithole kuqala igoli ngonyawo lukaMohamed Taher ngomzuzu ka-24, ngemuva kwephutha lasemuva.

UTaher ukwazile ukudabula kubadlali basemuva, wadedela elihle ishodi, wezwa ngenhlokomo yezihlwele uRonwen Williams ukuthi selinamathele enethini.

Izame konke ngemuva kwalokho iSundowns ukubuya ikakhulukazi esiwombeni sesibili, i-Al Ahly beyisipake ibhasi.

Ngomzuzu ka-74, iSundonws incishwe iphenathi kade uLucas Ribeiro ewiswe esebhokisini.

Kodwa ngemuva kokuyobheka kwiVAR, unompempe ubuye wathi akenziwanga lutho, wathi umdlalo awuqhubeke.

Kuthe sekubukeka sengathi kubhimbile kuMasandawana, yaqhubeka nokuhlasela.

Omunye weminyakazo yayo, ngomzuzu ka-89, uphethe ngokuthi u-Ibrahim Yasser ayibhakuzise ngakubo inethi, kwaba iguqa kanjalo i-Al Ahly.

Lisenethini

Related Articles

Back to top button