
Isikhulu emaphoyiseni ecaleni lokudlwengula intombazane (16)
Isikhulu ophikweni lwezokushushisa amacala omphakathi esifundazweni iLimpopo sisotakwini lwecala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-16 ubudala.
NgoLwesibili lesi sikhulu nethimba laso labammeli sizame ukufaka isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseDzanani kwala khona.
Ummangalelwa (47) ubhekene namacala angu-10 okudlwengula intombazane eneminyaka engu-16 kusukela ngo-2022.
Amagama esisulu nomangalelwa afihliwe ukuze kugwenywe ukuhlukunyezwa kwesisulu.
Ummangalelwa waboshwa mhlaka-29 April 2025 ngemuva kokuba ingane ibikele unina ukuthi iyadlwengulwa, kusukela ngo-2022 ineminyaka engu-13 ubudala.
Lesi sigameko sakamuva simenze wabikela umama owabe esebikela umalume udaba lwadluliselwa esiteshini samaphoyisa eDzanani.
Zakhala kanjalo kumsolwa.
Ngesikhathi sokwahlulela, inkantolo iphawule ukuthi, “umbuso unecala eliqinile, futhi maningi amathuba okuthi ummangalelwa aphazamise ofakazi bombuso.
Futhi nokuphepha kommangalelwa akuqinisekisiwe uma engahle abuyele emphakathini.
Kungumsebenzi kammangalelwa ukuvezela inkantolo ukuthi kunezizathu ezikhethekile neziqinile ukuthi anxenxe ezobulungiswa ukukhululwa kwakhe ngebheyili.”
Inkantolo ithole ukuthi lo ofake isicelo wehlulekile ukukhombisa ukuthi kunezimo ezibalulekile ezingenza adedelwe ngebheyili.
Inkantolo yabe isichitha isicelo sakhe sokuthi akhululwe ngebheyili.
Icala lihlehliselwe umhlaka-25 Juni 2025 ukuze kuqhutshekwe nophenyo kanti ummangalelwa usagqunywe esitokisini.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



