Izindaba

IKZN izihola phambili ngesibalo somahlalela

Isifundazwe saKwaZulu-Natal silokhu sizihole phambili ngokuntuleka komsebenzi.

Ucwaningo lwakamuva luveza ukuthi kwizifundazwe okubonakale kuzo ukwenyuka kwezinga labantu abangasebenzi, iKZN yiyona ehamba phambili.

Izihola ngabantu abawu-104 000, kulandele i-Eastern Cape (83 000), North West (57 000), Limpopo (55 000), Mpumalanga (43 000), neNorthern Cape (12 000).

Imibiko yocwaningo lwakamuva ikhomba ukuthi kwikota yokuqala ka-2025, lenyukile izinga labantu abangasebenzi eNingizimu Africa.

Ngokombiko olahlisa ithemba oshicilelwe yiStats SA ngoLwesibili, isibalo sabangasebenzi sinyuke safinyelela ku-32,9% kwikota yokuqala ka-2025.

Lesi sibalo sikhomba ukukhula ngo-1,0% kwezinga labantu abangasebenzi ezweni lonke, njengoba kwikota yesine yonyaka u-2024 lalikade liku-31,9%.

Kulo mbiko owethulwe nguMnuz Risenga Maluleke, oyiStatistician-General, kuvela ukuthi isibalo sabantu abangasebenzi ezweni senyuke ngo-237 000 kwikota yokuqala yalo nyaka, safinyelela ku-8,2 million.

Kuso leso sikhathi, isibalo sabantu abasebenzayo kubikwa ukuthi sehlile ngo-291 000, safinyelela ku-16,8 million, sisuka ku-17,1 million kwitoka yesine yonyaka odlule.

Kulesi sibalo sabantu abangasebenzi kuhlanganiswa nalabo bantu asebedikibele ukufesa, okubikwa ukuthi isibalo sabo senyuke ngo-7000.

Ezifundazweni iWestern Cape, Gauteng, neFree State kubikwa ukuthi kubonakale ukwenyuka kwezinga labantu abasebenzayo.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button