Isihluku izinkabi zibulala inyanga yodumo eThekwini
Phila Luthuli
BAYILALELE unyendle bayidubula bayibulala inyanga yaseThekwini, eMlaza, uNhlanhla Cele owaziwa kakhulu ngoSbushebushe.
Ngokubika kwemithombo yabezindaba ehlukene uCele udutshulwe ngezinhlamvu eziyisithupha ekhanda nasesifubeni esendaweni yakhe yokudayisa utshwala iYellow Lounge, eMlaza.
Ubulawa nje uCele, usanda kubuya esibhedlela ngoJanuwari 2022 esinda edutshulwa nesisebenzi sakhe uMbongelwa Mbombela.
Ngesikhathi ehlaselwa wayese Yellow Lounge kwa-A eMlazi. Ngaleso sikhathi owayekhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka wathi amaphoyisa aphenya amacala amabili okuzama ukubulala uCele noMbombela kwaphela kanjalo.
Indodakazi kaCele icashunwe uthi uyise udlule emhlabeni izolo (Ngomsombuluko) ngemuva kokuthi ehlaselwe amadoda angaziwa.
“Ubaba uzamile ukuziphindiselela ngesibhamu kwasho khona ukuthi lamadoda abesemshayile.” kusho indoddakazi.
UCele ubenomuzi kwa eMlazi esigcemeni sakwa Q aphine abe nesitolo esikhulu kwa-A kanti imithi yakhe beyidayiswa ezindaweni eziningi okubalwa, iTheku, Isiphingo, Pinetown nakwezinye izindawo.
Ubemandla kakhulu emithini evusa induku kubantu besilisa neminye elungisa izinkinga zasemakamelweni.
UCele wathusa abaningi eminyakeni edlule edansisa abesifazane ababehamba ze ejabulisa amakhasikende wakhe etavern.
Umfowabo kamufi, uMnuz Thembile Cele, uthe abazi ukuthi ubani lo ogile lomhlola, wakhala ngokugqemeka ingozi engeqiwa ntwala.
UCele ubedume kakhulu nangeziphrofetho zakhe ebezishaya emhlolweni. Amakhasimende amaningi wakhe abebejwayele ukufika esigodlweni ezoshaya umhlahlo njengoba ubedume ngokungayidli imbumba, egagula namagama abantu.