Izindaba

Imbibizane kuncipha amabhasi ezintombi emhlangeni

Sihle Mkhize 

Ikhansela emkhandlini weTheku uNkk Zama Sokhabase udalule ukuthi leli dolobha selihlangene noMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal bazokhipha amabhasi angu-38 kuphela kulo nyaka.

Lokhu kuyisibalo esehlisiwe kakhulu kwesangeminyaka edlule lapho iTheku belike likhiphe amabhasi angu-60.

UMama uSokhabase ube esecela omama bezintombi ukuthi bazihlele ukuze bakwazi ukwabelana ngezithuthi ezimbalwa.

“Asinawo amabhasi amaningi awu-38 iTheku lilonke. Njengoba onomehlo bewu-450 niyabona ukuthi kungagcina kuhambe izingane eziwu-3”

“Ibhasi kumele ibe na-65 ohlezi phansi. Asinakho okunye, siyathanda ukuhambisa amabhasi amaningi isimo asisafani,” kusho uNkk Sokhabase.

USokhabase udalule lokhu ngesikhathi kunesithangami sokuqeqesha omama abahlola izintombi.

Kulokhu kwenzeke okungajwayelekile njengoba kubhekwa indlela yokuziphatha kwabo kuqala ngaphambi kokuthi kufundiswe izintombi ngendlela eyamukelekile yokuzigcina.

Inhloso ukubacebisa ngamasu okuba ngomama abaqotho njengoba sekulungiselelwa ukuya emkhosini womhlanga.

Indlovukazi yakwaLinduzulu uMaNdlovu ukhuze umkhuba wokuletha izintombi ezisencane kulo mkhosi wathi lokho kungukwephula umthetho.

“Nathi kumele sibheke indlela yethu, ingane imane izale izingane esiwu-5 ukhona umama nobaba. Okusho ukuthi indlela esikhulisa ngayo iyabheda”

“Sengathi ubuzali bethu buyabheda. Sengathi lezi zingane zifikele kubantu okungesibo, abangenalo uthando. Abangayazi into abayiphathiswe uNkulunkulu” usho kanje.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button