
Ubukhazikhazi be-Alcazar bukhanga useza kude
Ngeney’ntwen Mkhize
Kuyintokozo ukuthi iHyundai, Alcazar, Model 2025 ingenye yezimoto esengike ngazivivinya yingakho ngingakucebisa ukuthi usondele emagaraji akwaHyundai ucele le-SUV ngeke uzisole.
Ngisho ngoba inesikhala okungangena kuso ngisho inkomo ngemuva uma usulalise izihlalo.
Yona ikwazi ukugibeza abantu abayisikhombisa ngokukhululeka (seven seater).
Sike saya enkonzweni namalunga omndeni wami ahlala ngokwanela.
Ngobude i-Alcazar ishaya u-4560mm, idlula iGrand Creta ngo-60mm.
Bese kuthi ububanzi bayo kube u-180mmm umehluko u-10mm.
Lo mehluko ugqame ngiyipaka ezindaweni ezahlukene ikuvezile ukuthi idinga indawo ekhululekile ukuze nezicabha zivuleke kahle.
Lezi zinguquko zikhomba ukuthi i-Alcazar isikhuphule amasokisi.
Emgwaqeni inamandla ayisimanga njengoba inenjini kapetrol 2.0 ekwazi ukukhafula amandla angango 117kW.
Ngike ngathi ukuyihlaba ngiyibhekise la ngafunda ngakhona amabanga aphansi eFakazi Primary ngenhloso yokuqwala intaba yakwaMyeza nokuyizwa nje obhuqwini.
Kune bhathini elibhalwe u-offroad liyenza ibe namadla aphindaphindiwe. Akuzweli nhlono ukuhamba obhuqwini noma entabeni kunalokho uyayizwa ukuthi icela indlela.
Ingaphakathi layo lizokudida, le ebengivivinya ichaze abaningi ngokuvuleka yonke ingqqondo kusuka phambili kuye emuva (sunroof), izihlalo zesikhumba nokunye okuningi.
Uma uthe kwi ngethambo njengami usizwa amabhathini okulungisa isihlalo ungene khaxa.
Cishe njengazo zonke izimoto zesimanje awusebenzisi ukhiye uciphaza ibhathini kube ukuduma kwayo.
Kwezobuchwepheshe, igabe nangokuthi ukwazi ukushaja iselula ngaphandle kokuthi uze usebenzise intambo. Ezihlahlweni zangemuva kunezindawo zokuxhuma nokubeka iziphuzo.

Iscreen sakhona sikhulu, uciphaza sona sikwenzele okufunayo ikakhululazi uma udlala umculo nokunye okubuchwepheshe.
Ingaphakathi leHyundai Alcazar likwenza ubone ukuthi kusamele usebenze ngempela ukuze ukwazi ukugibela lolu hlobo
Ebusuku iyakusiza ngamalambu eLED akukhanyisa kuthi bha nedesign yakhona eveza uH.
Engikuthandile futhi wukuthi iyakutshela uma ugeja umzila ukwazi ukubuyela endaweni efanele.
Iyakutshela uma ususeduze kakhulu ukuthi qaphela kukhona ozokushayisa ngaphambili noma ingemuva, kanti i-ABS brake yakhona imbamba ngqi.
Nakhu okunye okwengezwe kwi-Alcazar yi-ADAS Level 2, 6 airbags, all-round disc brakes, dual-zone climate control, boss mode, 360-degree camera, panoramic sunroof, Bose sound system nokunye okuningi.
Ifika newarranty yeminyaka engu-7/200 000km iphinde ikugixabeze ngeservice plan yeminyaka emithathu.
Amanani:
Hyundai Alcazar 2.0-litre Executive AT: R499 900
Hyundai Alcazar 1.5-litre Executive Diesel AT: R599 900
Hyundai Alcazar 1.5-litre Elite Diesel AT: R669 900
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



