Izindaba

Bacijiswe ngamakhono okuthuthukisa imiphakathi oNdlunkulu

Kuhlangene oNdlunkulu bamaKhosi akhele uMasipala waseNkandla ukuzothuthukiswa kule nyanga yabantu besifazane.

Labo ndlunkulu bebebuthelene eHhotela e-Aloe Lifestyle Hotel eShowe ngoLwesine lapho bekukhona iMeya yaseMlalaIazi uNkz uQueen Xulu.

Bekuno Somlomo waseMthonjaneni obephethe uhlelo, uSomlomo waseKing Cetshwayo, amaKhansela emikhandlu eyahlukene kanjalo nezikhulu zoMkhandlu waseNkandla.

Inhlosongqangi njengoba kuyinyanga yabantu besifazane bewukuhlanganisa oNdlunkulu baMakhosi wonke akulo Masipala.

Kwenziwela ukudingida amasu okubacija kwezentuthuko ukuze babe nezinhlelo ezinhle ezithuthukisa umphakathi wonkana.

IMeya yalo Masipala uNkz uNonhlanhla Nzuza ithe likhulu iqhaza elibanjwe oNdlunkulu emiphakathini.

Wangeza ngelokuthi ukuqinisa amaxhamu ezokuxhumana kuzolekelela ukuthi nomkhandlu uyisabalalise ngendlela esheshayo intuthuko ezindaweni zaMakhosi.

Nabantu bonkana bazolekelelwa izinhlelo ezenziwa oNdlunkulu.

UNdlunkulu uMasithole waKwaBiyela eMahlayizeni uthe:

“Kube ithuba esilithokozela kakhulu njengoNdlunkulu ukuba sihlangane noMasipala sizocobelana ngolwazi”

“Ukuhlangana okunjengalokhu kuyadingeka kakhulu, ngoba kuzoba nayo inqubekelaphambili”.

Ngasekupheleni kwenyanga edlule lo Masipala waba neMbizo yamadoda nalapho kwabe kudingidwa izindaba ezithinta abesilisa kuphela.

Okwakudingidwa kubalwa ukukhulisana nokuqhamuka neqhinga lokuvikelwa kwezingane nabantu besifazane.

Bayede News

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button