
IHyundai Creta SUV ikwenza uzizwe uphumelele empilweni
Sihle Mkhize
Uzizwa ungaswele lutho empilweni uma uke wabeka isinqe sakho kwi-2025 Hyundai Creta SUV, ubukhosi uqobo.
Ngikusho lokhu ngoba ngike ngaba nesikhathi eside ngivivinya le nsimbi, impela cishe ikuphethe konke okubalulekile emotweni yesimanje.
Ngaphezu kwalokho inamandla ayisimanga ezintabeni.
Ngike nganqamula kwezangakithi eLovu, eMashiwase, kanjalo nasemigwaqeni ephithizelayo yeTheku impela iyashibilika.
Ikwazi ukuhlala abantu abahlanu ngokunethezeka kanti ngemuva ebhuthini kunesikhala ongagcwalisa kuso igrosa nokunye okuningi.

Ngiyithande ngoba emgwaqeni noma lina izulu iyamathela kwazise iphuma no-17-inch wamarimu ahambisana namathayi awugqinsi (215/60 R17 tyres).
Lo manguzumela otshekisa ikhanda kubantu uma udlula ufika nenjini engu-1.5L (4-cylinder) kupetrol enamagiya angu-6 aya phambili bese kuba Intelligent Variable Transmission (IVT) umshini ozishintshayo le ebengiyishayela.
Ezokuphepha
Ngiyithandile eyokuthi noma ngabe umsindo uqhuma phezulu kangakanani emotweni kodwa uma uke wafaka igiya ku-R umsindo uyazehlela wenzela ukuthi uzwe imoto ekutshelayo ngoba ikhuluma njengomuntu.
Akukho lula nokho ukushayisa uma uhlehla ngoba ikuvezela lonke ingemuva kwi-screen.
Kanti uma kusondela imoto isibuko somshayeli sivela ilambu elibovu nelikuthiphisayo ngokuphepha.
Ngaphezu kwalokho iCreta ifika nama-airbags kumshayeli nasezihlalweni zakubagibeli, ABS ne-EBD, Electronic Stability Programme, neHill Start Assist Control.
Technology
Inalokhu okubizwa nge-infotainment system kunescreen okwazi ukudlala umculo ngendlela efiswa uwe, izibuko uziphendula ngendlela efiswa uwe ungaphakathi emotweni, park assist, park camera, cruise control, neBluetooth.
Kumuntu okhonze ukuhamba amabanha made noma evakashele emakhaya ngingamcebisa ukuthi asondele kwaHyndai eMhlanga ngake azisole.
Warranty
Lonke uhlobo lweCreta luphuma newarranty yeminyaka engu-7 okanye ibanga lika-200 000 km kanye neservice plan yeminyaka engu-4.
Okunye okwengeziwe ibanga lika 60 000 km, neroadside assistance yeminyaka engu-7 noma ibanga lika-150 000 km.
Le ngqovungqovu amanani wayo aqala ku-R439,900 kanti i-Executive IVT Matte Edition yona uR524,900. Bese kuthi iPremium IVT ibe ku-R449,900.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



