Izindaba

Idluliswe emaphoyiseni iselula ebhadanywe kuCat ezitokisini

Sane Mseleku

Ubhadanywe neselula esitokisini uVusumuzi “Cat” Matlala osematheni kulezi zinsuku ngenxa yokuvela kobudlelwano bakhe noNgqongqoshe Senzo Mchunu.

NgoLwesibili ebusuku nangoLwesithathu ntathakusa uMakgothi Samuel Thobakgale onguKhomishana weNational Correctional Services bagasele kungazelele bani ezitokosini zase Kgosi Mampuru Correctional Centre ePitoli.

Baze bangena shi, nakwiziboshwa ezithathwa njengeziyingozi eC-Max Section nalapho bebhadame khona uCat.

Lolu phenyo langoLwesibili noLwesithathu lulandela okunye ukugasela kwabomthetho ngeSonto  kuleli jele.

“UCat Matlala useC-Max lapho kugqunywa khona iziboshwa ezinobungozi kakhulu, sisazoqhubeka nokwenza uphenyo olunjengalolu lwayizolo,” kusho uThobakgale etshela abakwaNewzroom Afrika ngoLwesithathu ekuseni.

“NgeSonto ekuseni senza uphenyo olungalindelekile sathola umakhala ekhukhwini kuyena”.

“Ngaleso sikhathi uMatlala wayese “Local” section lapho kugqunywa khona abangenabo ubungozi obukhulu.

“Wayese medium local,” kusho uThobakgale.

AboMnyango wezamaJele uthe uphenyo lusendleleni ukuze kutholakale ukuthi kwenzeke kanjani uMatlala abenomakhala ekhukhwini ekubeni usejele.

Umakhalekhukhwini uhanjiswe emaphoyiseni ukuze kuphenywe.

“Uma sithola izinto ezinjengo makhalekhukhwini emacaleni anzima kanje sike sizidlulisele emaphoyiseni ngesikhathi, ngalolo suku,” kubeka uThobakgale.

“Ngemumva kokuthola umakhalekhukhwini sibikele amaphoyisa, afika ngesikhathi awuthatha.”

IPurpose ike yabika ukuthi owayenguMinister wamaphoyisa, uBheki Cele usolakala ngokubandakanyeka kubugebengu bamaphoyisa obuthinta uMatlala.

UCele ukewahlala kwenye yezindlu zikanokusho zikasomabhizinisi uMatlala ezinsukwini gaphambi kokuba inkampani yakhe ithole ithenda lika R360 million emaphoyiseni.

Wahlala kulo muzi ngoJanuwari eThe Capital Menlyn Maine, ehhotela likanokusho ePretoria East.

Le penthouse enye yezindlu ezikhethekileyo zikanokusho kuleli dolobha. Ibheke isibhakabhaka, inamalift akhona. UMatlala uyena owahlela lokhu, uCele wabe eseba isivakashi sakhe.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button