
Enkantolo ngoSeptember uNcobo osolwa ngolabhabha bezimpama entombini
Imenenja jikelele yePremier Soccer League u-Andile ‘Ace’ Ncobo idedelwe ngesexwayiso kulandela ukuvela kwakhe enkantolo ecaleni elihlobene nodlame lwasekhaya.
U-Andile Ncobo ubevele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseKempton Park ngoLwesibili.
Icala lakhe libe selihlehliselwa umhla ka-3 kuSephthemba ukunikeza amaphoyisa isikhathi sokuqhubeka nophenyo.
Ubhekene necala lokushaya ngemuva kwezinsolo zokushaya ummangali amahlandla amaningi ngezimpama qede wamdudulela embhedeni.
Lesi siga kuthiwa senzeke ngesikhathi lezi zithandani zinengxabano endaweni ezihlala kuyo ndawonye eKempton Park ngoJuni 28.
Ummangali wabe eseyovula icala eSebenza SAPS, okwaholela ekuboshweni kuka-Ace Ncobo ngemuva kokuthi ummangali ekwazile ukumkhomba endaweni yesigameko.
Ngesikhathi kuqulwa icala lebheyili ngoMsombuluko, ummangali ufake incwadi efungelwe ethi akaphikisani nebheyili.
Uphinde wethula isitatimende sokuhoxisa leli cala, ethi uNcobo akayona ingozi kuyena futhi ubengakaze phambilini abe nodlame kuye.
Nokho iNational Prosecuting Authority (NPA) izoqhubeka naleli cala, ngokwesekelwe wumgomo wayo wokungawahoxisi amacala odlame lwasekhaya.
Lokhu kuhambisana nomthetho wodlame lwasekhaya, ofuna ukuqinisekisa ukuvikelwa okuphezulu kwezisulu.
I-NPA ithi ithatha izinsolo ezibhekiswe kuNcobo njengezibucayi futhi isazimisele ukulwa nodlame olusekelwe kubulili.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



