
Amabhomu kaMkhwanazi aphenye ibheshu uCat nokubulawa kwaBabita
Ukuvela kwegama lika Vusi “Cat’ Matlala kumabhomu abededelwa uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi kwabezindaba sekuvuse usawoti ogqokweni ngokufa kwaBabita Deokaran.
UDeokaran wayeyi acting Chief Director Financial Accounting Officer eMnyangweni weZempilo eGauteng.
Wahlaselwa wadutshulwa ngezikhathi zasekuseni ngaphandle komuzi wakhe eWinchester Hills, wagcina eshonele esibhedlela.
Izinsolo eziqinile zokubulawa kwakhe kwavela ukuthi wukubika inkohlakalo.
Phambilini uMatlala wake wamataniswa namathenda kahulumeni ayizigidi zamarandi angekho emthethweni.
Kula mathenda kuhlanganisa nokuphangwa kwesibhedlela saseTembisa okwaholela ekubulaweni Deokaran ngo-August 2021.
Amaphoyisa aphasisa uzokwenza iJ51 ephinde yaziwe ngesearch and seizure warrant.
Okuyilapho-ke okwavela khona ukuhlobana kokukhuluma phakathi kwaMatlala nezinkabi.
Abaphenyi bazithela phezu kwemiqhafazo yakhe nabasolwa.
Amagama ezinkabi uNhlanganiso Ndlovu, Siphakanyisa Dladla, Zitha Radebe, Simphiwe Mazibuko, Sanele Mbhele noPhakamani Radebe.
Ubulawa nje uDeokaran wazama ukumisa inkokhelo engu-R 100 M futhi waphinde wahlaba umkhosi ebona inkokhelo ka-R 850 million kwenzinye izinto ezisolayo eMnyangweni wezeMpilo eGauteng.
Ngaphambi kokuba abulawe kuthiwa watshela ozakwabo ukuthi kungenzeka uphenyo lwakhe lokugcina lolu futhi uyabona kungamholela ekufeni.
Ngokophenyo kwavela ukuthi izinkabi zasebenzisa uhlobo lwemoto iBMW okuqaphelekayo wukuthi yayilokhu izulazula ngase mzini kamufi.
Abasolwa abayisithupha kuvela ukuthi bakhokhelwa uR2.4 umuntu ngamunye wahlomula ngo-R 400. 000.
Ngemuva kokushona kukaDeokaran kwamiswa isikhulu esiphezulu esibhedlela saseTembisa kanye nesikhulu esiphezulu sezimali eMnyangweni wezeMpilo esifundazweni.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



