EzokungcebelekaIzindaba

Amagidangoma kaNtencane engozini enyantisayo

Portia Luthuli

Asinde ngokulambisa amagidangoma kamculi kaMaskandi uNtencane Zondi eshayiswa itruck eThekwini qede wadla phansi umshayeli.

Amagidangoma abehamba ngePolo Vivo emhlophe enepleti eliyikhomba eMlaza.
Ibonakeze ezithombeni isodonswa ibreakdown ife iwindscreen yahuzuka nhlangothi zombili.

“Uma kune Truck ovuke ilimele la osebenza khona ngapha ko DBN ethwala lezinto ezimbozwa ngoseyili ngiyacela ungithinte, kuno driver wetruck oshayise izingane lezi engigida nazo qede wabaleka. Kodwa ngibonga ukuthi abalimalanga bona,” usho kanje.




Ekhuluma nePurpose uNtencane uthe amagidangoma abephuma ekhaya kubo ngesikhathi ehlelwa yilesi sehlo. “Abafowethu abangigidelayo bebephuma ekhaya beshayiswa itruck, namanje ayikatholakali kwaleyo truck nomshayeli wayo. Ngibonga ukuthi basindile,” kuchaza ngamafuphi uNtencane.

“Ey sesibonga ukuthi niphume nisaphila nonke. Abenzi bobubi bazotholakala Nondaba🙏🏽,” kubhala uPenny Ntuli ezwelana noNtencane.

Related Articles

Back to top button