EzokungcebelekaIzindaba

Unkosikazi kaSello Maake kaNcube nencwadi eqinisekisa ukungambathi ngubo yinye 

Liyah Duma

UPearl Solo Mbewe (42) obeshade nomlingisi ohlonishwayo kukeli uSello Maake kaNcube (62) ubhale incwadi eyibhekise kuye ngqo. Le ncwadi iveza ngokusobala ukuthi uPearl akasambathi ngubo yinye noSello kodwa usamthanda futhi uyamhlonipha.

“Ube yikho konke kimi, umhlaba ngeke ukuqonde lokho. Ngiyafisa ukuthi abantu bakuyeke phansi. Iqiniso ukuthi ukuba nawe kungikhuphulile kwangibeka la ngangingazi ukuthi ngiyoba khona,” kubhala uPearl.

Eqhuba neheheba lencwadi uthe uyohlale emthanda nomoya wakhe, futhi uyindoda eqotho.

USello ube enanels ngokuthi: “Kubuhlungu ngoba abantu ave beshesha ukwehlulela. Emuva kokuthi abantu bengikhuluma kabi, bengithuka kodwa iqiniso yilo eliyosikhulula. Ngihlezi ngiyihlonipha indawo yami yokuba ubaba nomyeni,” unanele kanje uSello encwadini.

Abazazi kancono bathi umsuka wendaba wukuthi uPearl wabamba uSello exoxa noCyntia Hlahla owaziwa ngoLacoste. Lowesifazane kuthiwa wayejola nalo mlingisi weSkeem Saam.

Kanti phakathi kokunye okwavela wukuthi uSello uyabalisa ngenkumbulo nothando asenalo ngoCyntia.

USello wavuma ngesonto eledlule ukuthi useke waxhumana nabameli kodwa wathi wayengakawukhokhi uR2500 owawufuneka ukuze bamvulele amafayela okufaka idivosi.

Related Articles

Back to top button