Kuntwela ezansi kuzwakala aboKhozi abebemisiwe
KUNTWELA ezansi kubasakazi beSABC asebebuyiseliwe emsebenzini.
Kubona kubalwa uTshatha Ngobe, owethula uhlelo lwantambama phakathi nesonto kuKhozi FM, nozakwabo uZimiphi “Zimdollar” Biyela owenza iDankie 1223 emini phakathi nesonto.
NoLuthando “Loot Love” Shosha ubengekho ohlelweni alwethula ngokubambisana noTbo Touch ngo-3 kuya ku-6 ntambama phakathi nesonto kodwa osebuyile.
IPurpose ike yabika ngokumiswa kwabasakazi yacaphuna noZimiphi “Zimdollar” Biyela kwenye yamaVoice Note (VN) kwiWhatsApp group yoKhozi FM ekhala ngokuyayoqondi eminye yale migomo.
Kwavela ukuthi laba basakazi bamiselwe ukuzibamdakanya namarali amaqembu ezepolitiki abekhankasa.
NgoMsombuluko ubebambe uhlelo lwakhe noKing Sfiso njengenjwayelo.
UTshatha yena ubuyile noSelby Mkhize naye obengekho njengoba uhlelo lwabo belubanjwe nguZama Mseleku.
Okhulumela iSABC, uMmoni Seapolelo, ucashunwe kwi-IOL, enguzakwabo ekuqinisekisa ukuthi uLoot ubengahleliwe ukuba semoyeni ngeledlule.
“I-SABC ayikwazi ukudalula imininingwane ngale kokuthi ukusingatha amarali amaqembu ezepolitiki noma ukuzimatanisa neqembu lezepolitiki emphakathini kuphambene nomgomo weSABC okungusomqulu ovuleleke emphakathini,” kusho uMmoni.




