Aw Kodwa ngazi izokwenzenjani i-ANC ngoZizi…
Kwande kaZikiza
USEFAKE incwadi yokwesula ePhalamende obenguNgqongqoshe weZemidlalo, amaCiko namaSiko uMnuz Zizi Kodwa (54).
UKodwa ubonge uMengameli uCyril Ramaphosa ngethuba amnike lona ukusebenzela izwe lakuleli.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi ephume ngebheyili ka-R30 00 enkantolo kaMantshi ePalm Ridge nasolwa naye uMnuz Jehan Mackay.
UKodwa uyalelwe ukuthi anikize umphenyi wecala ipassport yakhe futhi angaxhumani nofakazi wombuso.
Inkantolo ibe isimqwashisa ukhuthi angalenzi iphutha angaveli ngezinsuku adingeka ngazo enkantolo ngoba kuyokhishwa incwadi yokuboshwa.
UKodwa uzinikele yena wavalelwa ekamu lwamaphoyisa eBramley ekuseni ngoLwesithathu.
Okhulumela amaHawks uBrigadier Thandi Mbambo uthe: “Kuboshwe abasolwa ababili abaneminyaka engu-47 no-54 futhi bazilethe bona emaphoyiseni namhlanje ekuseni (Lwesithathu) esiteshini samaphoyisa eBramley. Bobabili babhekene namacala ahlanganisa inkohlakalo,”usho kanje.
Indaba isuka kwiZondo Commission ebiphenya izinsolo zabagwamanda amandla ombuso.
Ngesikhathi le Khomishini iphenya uKodwa wayephethe isikhundla sokuba iSekela emnyangweni kaMengameli.
IKhomishini yathola ukuthi ngo-2016 iCity of Joburg yakhipha ithenda ka-R460 million, yatholwa yi-EOH Holdings.
Le nkampani yaqashelwa ukuvuselela kabusha isoftware system yeJoburg Metro.
IKhomishini yathola ukuthi uKodwa wakhokhelwa R1.6m, ewumuntu oxhumene kakhulu nomqonsisi we-EOH uMnuz Jehan Mackay.
Kuthiwa wathola neminye imihlomulo uKodwa.