Izindaba

Libhodla umlilo ibhantinti elinguThabo Bester enkantolo

Sane Mseleku

IZITHANDANI ezithathwa njengemigulukudu uThabo Bester noDr Nandipha Magudumana zivele enkantolo iBloemfontein High Court ngoLwesithathu.

Ngesikhathi uBester egeqa amagula ngempatho athi ayiyinhle ebhekiswe kuye yedwa ejele, uMagudulela uhluleke ukuzibamba wakhihla esikaNandi.

Okugqamile ngokuvela kwabo ukuthi uNandipha akawabhekisanga amehlo akhe kuBester, kulokhu uvele waya ngakuyise uZolile Sekeleni. USekeni ungomunye wabasolwa.

UBester uthe ngokwakhe yena akasona isiboshwa esibi kangako kuleli.

Uthe unamacala abalekayo (amathathu) kodwa usethathwa njengesiboshwa esidumile ngaphandle kwesizathu.

Uthi ubona kufanele akusho lokhu ngaphambi kwenkundla yenkantolo.

UBester uqhubeke wathi ubona kungafanele futhi kuyiphutha ukuboshwa kwabantu ngaphambi kwenkantolo ngezizathu ezingabathinti.

Uthi kubuhlungu kakhulu ukubuka abantu abangahlangene nhlobo namacala akhe bebekwe phambi kwenkantolo, ekubeni azi kahle ukuthi babengekho ekhishwa.

Ubeke kwacaca ukuthi kunabantu abavikelwayo, bevikelwa abaphenyi becala.

UBester uqhube wathi unobufakazi obuphelele obukhombisa ukuthi lento ayikho ngabasebenzi beG4S kuphela koda ifaka abantu abaningi futhi abasezikhundleni ezinkulu.

Akubona nje abeG4S abavele babona kufanele bangeqise kowda bathola imiyalelo kwabaphezulu.

Uthi usebe ngaphandle isikhathi esingangonyaka ephila impilo yakhe koda akakaze alimaze noma ahlukemeze noyedwa kuleli.

Uthi indlela aphethwe ngayo imhlukumeza kakhulu ngisho ngasohlangothini lomthetho.

UBester uthi kulikhuni ngisho ukuthola ummeli ngoba bavele bagxume zisuka bathi, abezindaba bazobahlasela.

Useke wazama abammeli abahlanu bemtshela into eyodwa, ukuthi bangathanda ukuthatha icala lakhe kodwa kumele babe ngemuva.

Phakathi kwezizathu abazibekayo ukuthi bazolandelwa abezindaba nabezomthetho futhi kuzoba lukhuni ukuphinde bathole umsebenzi ngoba bezibandakanyise noThabo Bester.

UBester ubuze enkantolo ukuthi indlela efanele yini ukuthi aphathwe kanje, ubuze ukuthi kungabe kukhona yini ubulungiswa uma ebhekene necala kodwa angakwazi ukuthola ummeli futhi kungabe likhona yini iqiniso nokulungiswa kwindlela aphethwe ngayo?

 

Related Articles

Back to top button