Izindaba

Isiguqo somsakazi woKhozi FM oxinekile

Kwande kaZikiza 

UMSAKAZI woKhozi FM oxinwe ukugula uZanele Mbokazi uzobanjelwa isiguqo abaculi abahlukahlukene ngoLwesihlanu, eSandton, Assemblies of God.

Isiguqo sihlelelwe ukuthi siqale ngehora lesine ntambama.

Lokhu kulandela ukubambeka kwalo msakazi eshayela uhlelo lwakhe lweGospel Eshilo olungena njalo ngeSonto ekuseni.

Ngemuva kokuthi ephuthunyiswe esibhedlela uZanele, ongumsunguli wamaCrown Gospel Music Awards, kutholakale ukuthi une lung cancer.

Umyeni wakhe uMbhishobhi Mpendulo Nkambule nabehhovisi elihlela lo mncintiswano wokuklomelisa abaculi be Gospel njalo ngonyaka baveze ukuthi uZanele (52) uyalwa ngenhloso yokululama.

Bathe njengamanje usagxile ekululameni njengoba engezwakali emoyeni.

Ukugula kumqale ngo-Ephreli 21 lapho uhlelo lwakhe lugcine seluqedelwa uThokozani Ndlovu.

Kwajabula abaningi ngesikhathi uKhozi FM lumemezela ukuthi ukhuza ibuya ezovala indawo kaSbu Buthelezi.

Kuzokhumbuleka ukuthi uButhelezi washiya lo msakazo sekukubi njengoba wayesolwa ngenkohlakalo yemali lebhizinisi lakhe abelenza eceleni.

Abahleli balesi siguqo bathe wonke umuntu uvumelekile ukufika azobusiswa ngedili lomculo bese akhulekele ukululama kwalesi silomo somkazi.

Nokho babathi abanaso isiqinisekiso sokuthi uZanele uzophumelela yini.

Abaculi ekulindeleke ukuzonandisa kubalwa uRebecca Malope, Pastor Benjamin Dube, Pastor Msiza, Sipho Makhabane noPastor Solly Mahlangu.

 

Related Articles

Back to top button